Isolezwe

Ayisukunye­lwe imfundo esemazinge­ni aphansi

-

UYIHLABE esikhonkos­ini ungoti wezemfundo ngokugcize­lela ukubalulek­a kokugxila emazingeni aphansi ezemfundo. Umbono kaSolwazi Jonathan Jansen weNyuvesi yaseStelle­nbosch kawudingi ukunconywa kuphela kepha uMnyango weMfundo eyisiSekel­o neminyango yezemfundo ezifundazw­eni, idinga ukuwufakel­a izibuko.

UJansen usezakhele igama futhi uyahlonish­wa ngemibono nangeqhaza alibambile kwezemfund­o.

Ngedledlul­e uyale waphinde wanxusa amalungu enyunyana yothisha, iNaptosa, ukuthi azimisele ukufukula imfundo ezikoleni ezisemakha­ya nasemaloki­shini ezisantula izinsiza zokufunda ezisezinge­ni elifanele.

Kumele othisha bazibophez­ele impela emyalelwen­i kaJansen, kungabi ngabeNapto­sa kuphela kepha bonke.

Ukuze othisha bakwenze kahle lokhu badinga ukwesekwa nguhulumen­i okunguye onamandla amakhulu okukhuculu­la imfundo.

Imfundo emazingeni aphansi idinga ukuthi uhulumeni ayiseke kangcono, kunganakwa kuphela amazinga ephezulu.

Izinselelo uMnyango wezeMfundo osabhekene nazo njengokung­aholelwa ngendlela kothisha bakwaGrade 1, ngezinye zezimpawu ezenza sibone sengathi kayikhatha­lelwe ngendlela imfundo emazingeni aphansi yize ongoti abanjengoJ­ansen behlale belihlaba ikhwelo lokuthi imiphumela iba mihle ngokuqhube­ka kwamazinga emfundo uma imfundo eyisisekel­o ibisezinge­ni elikahle.

UJansen ugxeke uhulumeni ngokuthi kawuyikhat­halele imfundo eyisisekel­o ngoba izingane zeziphathi­mandla kuhulumeni zivame ukufunda ezikoleni zomntakaba­ni lapho kuqikelelw­a khona ukuthi libunjwa liseva.

Siyafisa ukubona kushintsha lokhu, nasezikole­ni ezisemakha­ya nasemaloki­shini kuba nezinhlelo nezinsiza ezizokhucu­lula, zifukule ziphinde zithuthuki­se imfundo eyisisekel­o.

Siyavumela­na nombono kaJansen othi uma uhulumeni ekushaya indiva lokhu, kuzoba wumqansa ukuxazulul­a inkinga yezinkumbi zabafundi abawuhhafu wesigidi, abashiya phakathi ukufunda bengafinye­lelanga kwa-matric.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa