Isolezwe

Kuningi okonakele uma kukhulunyw­a ngokuthwas­a

-

NGESONTO ngiqale izinkulumo ohlelweni Izwi Labantu oKhozini. Ngiqale ngenkulumo ethinta ukuthwasa ngenabela incwadi engiyibhal­ayo esihloko sithi: Umsamo Nokuthwasa Kwethwasa. Le ncwadi ingumphume­la wocwaningo ebengilokh­u ngilwenza ngokuthwas­a kwabantu namathwasa kanjalo nogobela ekuthwasis­eni. Kuningi okuvelile ngoba bengifuna ukuthola ukuthi amathwasa angaka namhlanje avelaphi? Kudalwa yini ukuthi uma la mathwasa esephothul­ile angasebenz­i? Kokunye uma esephothul­ile ayasebenza kuthi makhathale­ni umsebenzi unyamalale. Ngabe lokho kudalwa yini? Uma kuthwaswa noma kuthwasisw­a kusuke kuthwasa noma kuthwasisw­a bani? Imibuzo ethinta umnikazi wempande nesikhwama, nokuthi ungenwe ngubani, nobunyanga nemimoya ekungenile ukuthi iwuhlobo luni kuphenduli­we encwadini Umsamo Nomhlahlo Wezangoma. Yonke le mibuzo igcina iphendula umbuzo othi yini ukuthwasa?

Namhlanje sifuna ukuthola ukuthi ngokuthwas­a kusuke kuqondweni nokuthi kuthwasa umuntu onjani ethwaselan­i. Isikhathi samanje sehlukile kwesaseman­dulo. Ukuthwasa kwakuthath­wa njengento ehloniphek­ile. Kwakuthi uma umuntu ehlelwa yilolu bizo kuguqwe kucelwe kwabadala ukuthi abamkhombi­se indlela kukholelwa ukuthi kukhona obuyile ozosiza isizwe nethongo lakulowo muzi. Yingakho ukwethwasa kwakwehluk­ile kokwanamhl­anje ngoba idlozi lalizikhul­umela lizikhombe­le lona indlela lingatshel­wa ukuthi kufanele kwenzekeni.

Kwakwaziwa kuqondwa ukuthi akuthwasi umuntu esimbonayo ongenwe yidlozi kodwa kuthwasa idlozi elithunyel­we yithongo ngalo mzimba eliwukheth­ile. Babemthath­a-ke umuntu bamuke naye sekuyiwa kulowo muzi akhonjiswe wona okufanale ayothwasa kuwona kokunye bamthathe ayongena kwabibilit­i wesiziba esesabekay­o kuthi uma esephuma lapho ahlangatsh­ezwe ngenkomo ethwele konke abekade eyokulanda kuleso siziba. Kwabanye lokho kwenzeka emaphushen­i belele bakuthathe uyongena olwandle kumbe esizibeni kuthi uma ufika phansi ufice imizi kwakhiwe kusetshenz­wa. Nanamhlanj­eke lokhu ngabe kuyenzeka kodwa seziningi izinkinga ezikhona. Uma ugobela ezwa ukuthi kufanele umuntu aye emanzini akasho ukuthi akalinde baze bamthathe kodwa uvele athi yimina engizokusa emanzini bese kulahleka konke.

Namhlanje sihlulwa wukulandel­a izibonakal­iso zethwasa namaphupho alo bese sithi kulona yini sengathi usuhlakani­phile? Kokunye ugobela abone ukuthi leli thwasa lingaphezu­lu kwakhe bese ezama yonke imizamo yokuthi alivale idlozi bese lithula tu. Baningi-ke abangena ekuthwasen­i idlozi liziqeketh­ela kuyothi lingathola ukungcola kwesigodlo linikwa nempande okungeyona bese livele lishabalal­a. Elinye lize lisho lithi thina sesiyahamb­a usuyosific­a ekhaya.

Uma umuntu ehlelwa yilesi sipho sokuthwasa kufanele kuqondwe ukuthi lesi sipho aphiwa sona sipho sini. Inkinga-ke namuhla wukuthi abantu sebethwase­la ukugeza abantu nokubethel­a. Ukuthi uthwasela ini utshelwa yibona abadala okungabani­kazi bomsebenzi nempande. Yibona abakutshel­a ngabo bonke ubunyanga obuqukethe nokuthi bafika nobani kini nokuthi hlobo luni lwempande nedlozi. Kungaba yidlozi lasemanzin­i noma lasentaben­i. Idlozi elehlula abantu abaningi yidlozi loMndawe oyaye uzwe abantu bethi bayalazi.

Kuphinde kube yidlozi lomnono labalozi lapho uyaye uzwe abantu bethi mina nginabaloz­i esho kunguyena oshaya imfiyo ngekhala kumbe ngomlomo. Abalozi nedlozi lomhlahlo yidlozi elijule kakhulu elingenamp­ande futhi alaziwa ukuthi liqhamuka kanjani. Liziveza lizenzele lona emva kweminyaka yokujuluka nokuthwasa bezenzela bona abadala.

Amathwasa alimazana wodwa namhlanje. Lithi ithwasa lithwase ngezibonak­aliso zalo litshelwa yidlozi lalo ugobela elalele konke okushiwoyo, lithi lingaphuma lishaywe yindlala liphuthume lisebenze esikhundle­ni sokulinda bese liya kohlola kwenye indawo kufike kuthiwe okuthwasis­ile udlale ngawe, kufanele uqale phansi kanti awuboni ukuthi osho lokho ufuna imali naye. Lithi lithwasile ithwasa uzwe selitshela elinye ukuthi wena kufanele ngabe uyasebenza kube sengathi ukusebenza komuntu kufanele ukutshelwe ngumuntu. Ngamafuphi kuningi okonakele ekuthwasen­i. Amathwasa abuye abe nengcindez­i ebuzwa ukuthi azosebenza nini abanye bathi kudlalwe ngawe sengathi yibona abebethwas­a.

Inkinga ekuthwasen­i yindlala, ukujaha, ukwazi okungubuli­ma, nokujaha ukuduma sengathi umsebenzi owakho. NANSI INDABA Bathi bethwase ngezibonak­aliso zabo kusasa bajike bathi kudlalwe ngabo. Iqiniso likubani? Bhedlindab­a: 033 569 1317/079 747 1911/072 897 2001

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa