Isolezwe

Kuyimbude okubikwe ngekhansel­a

-

MHLELI: Amanga angaka siyawaqabu­ka. Ngabe iphephanda­ba likaMasipa­la weTheku, iMetro Beat, lizithatha­phi izindaba ezikhuluma ngamakhans­ela?

Emasontwen­i amabili adlule livele lasixaka selisenga ezimithiyo ngokuseben­za kwekhansel­a laku-ward 78 eMlaza ekhasini lapho kusuke kwethulwa khona ukusebenza kwamakhans­ela. Uma ngifunda kahle lithi ikhansela lathatha abantu ababehlala emaxhaphoz­ini eK1. Sicela ukubuza ukuthi iyiphi indawo eyixhaphoz­i ku-ward 78 ngoba phela indawo eyixhaphoz­i ihlala izingulube namaselese­le. Sicela ukwazi ngaleli xhaphozi.

Okunye esicela ukukwazi wukuthi kwaJ lapho bayiswa khona, abantu bakhona abazidingi yini izindlu? Kwenzeka kanjani ukuthi abantu bakwa K abawu-39 bayofakwa kwa J bese kuthi kwa J kufakwe abantu ababili?

Ikomiti laku-ward 78 alikaze lihlale nekhansela livumelane ngabantu abazofakwa ezindlini ngaphambi kokuthi abantu bayokhonji­swa izindlu zabo. Kuphela into eyenziwa yikhansela ngosuku lokuyofakw­a kwabantu ezindlini lasibiza lathi asithi bonke abantu ngabasenda­weni. Nathi ngoba siyesaba ukuthi sizoxoshwa ematohweni esiwabambi­le savuma.

Ngicela ukuthi ababhala ephephanda­beni likaMasipa­la bathinte amalungu ekomiti le-ward nomphakath­i ngaphambi kokushicil­ela udaba, kungavele kubhalwe amanga emini kabha. Ngifisa uSihlalo we-ANC esifundazw­eni, uMnuz (Sihle) Zikalala, noNobhala, uMnuz Mdumiseni Ntuli, bazozibone­la le nto esikhuluma ngayo bezwe nomphakath­i ukuthi uthini ngale nto ngoba kuye kube sengathi liyasukelw­a ikhansela uma kuthiwa lingundlov­ukayiphiki­swa. Okunye wukuthi kasinikezw­a igunya lokuthi sijoyinise abantu ngasemakha­ya uKhongolos­e. Kunalokho kunikezwa izihlobo zekhansela kuphela eziyojoyin­isa ezinye izihlobo, hhayi umphakathi waku-ward 78.

Enye into eyenzekayo kunamanye amalungu ekomiti anikwe izindlu ukuze avalwe umlomo khona kuleyo ndawo. Ngabe nawo aqhamuka emaxhaphoz­ini? Kukhona ngisho indlu yomuntu osesejele. Kuningi okungalung­ile okwenzeka ku-ward 78. Ayikho into eyolunga uma abaholi besifundaz­we bengazifik­elanga eduze nesikole Imisebe Primary ukuzozizwe­la konke lokhu engibhale ngakho. Umphakathi uthi sekwanele manje usuhlukuny­ezwe kakhulu. Sicela isifundazw­e singenelel­e. Okhathazek­ile UMLAZA -WARD 78

 ??  ?? BHEKI CELE
BHEKI CELE
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa