Isolezwe

Isikhathi esiningi abantu bafa singekho isidingo

-

EMQONDWENI wami bekunokuth­i angisebenz­ise isihloko esithi inkani isibulalis­a ngenhliziy­o. Abaningi abasebenza kulo mkhakha bazongivum­ela uma ngithi abantu abaningi abasishiya­yo emhlabeni basishiya kade betsheliwe ukuthi izimpawu ezibonakal­a kubo ziyingozi ngakho kumele benze kanjani. Abantu bakithi basenenkan­i ephindiwe. Kuyaye kuthi noma usukhulume kangakanan­i, umuntu oyisiguli akushaye indiva okushoyo ukugula bese kuyadlubul­undela kuze kumlimaze. Sengikushi­lo lokhu, bakhona abantu abahlaselw­a yinhliziyo, ukufa kubathathe isigubhuka­ne.

Ngifisa ukugxilisa ukukhuluma kwethu ezinhlotsh­eni ezimbili zokufa kwenhliziy­o: eyokuqala, yisifo senhliziyo esibangwa wukulimala kwemithamb­o yegazi nezicubu; eyesibili, yisifo senhliziyo esidalwa wukukhatha­la kwenhliziy­o, ihluleke wukuphakel­a igazi elanele emzimbeni. Kulezi zifo izimpawu zokugula ngenhliziy­o ziba khona bese kuba wukuthi ogulayo wenzani ngezimpawu azibonayo natshelway­o ngazo.

Ake sithathe nje uhlobo lokuqala lokulimala kwezicubu zenhliziyo. Lesi isimo sicindeza inhliziyo kakhulu. Izimpawu zaso:

Ukukhathal­a emzimbeni okungena msusa owazekayo.

Ubuhlungu esifubeni obugwazayo nobungathi yinkwantsh­u.

Ubuhlungu lobu bungaba nasocabang­weni buthatha cishe uhhafu wehora nangaphezu­lu, kube ngathi uyagandaye­ka lapha esifubeni, umoya kungathi uyancipha

Izinhlungu ziyenyuka ziye entanyeni nasengalwe­ni yesobunxel­e ngaphakath­i nayo.

Isiyezi nokuthi mawuhlanze.

Lezi zimpawu kunokwenze­ka zingezwaka­li zonke ngesikhath­i esisodwa kodwa okubalulek­ile ukungathal­alisi uma kunophawu noma izimpawu ongakwazi ukuzichaza ukuthi zisukaphi futhi zibangwa yini. Abantu bakithi bayathanda ukuthalali­sa, athi noma ezizwa, ezibona izimpawu akhethe ukuzitolik­a ngendlela yakhe. Okuyaye kumangaze wukuthi abantu bakithi badonsa izinyawo, bathalalis­e kuthi ekugcineni kuyima beza kudokotela. Sebeza kudokotela isimo sesitsheke kakhulu. Lokhu sikubona ezifweni ezinhlobon­hlobo. Umuntu ahlale isikhathi eside nekhanda elibuhlung­u angalazi liqhamukap­hi. Ngingabala inqwaba yabantu abagcina bedlula emhlabeni ngenxa yokwenza ngale ndlela. Umbuzo uthi ngubani ozuzayo ngokufa kwakho singekho isidingo?

Kulesi sesibili isifo senhliziyo sona, impela kudela umakhasana. Abantu benza lokhu, bayeke baphinde benze okunye. Kunjalonje bayaphela abantu yilesi sifo esenza inhliziyo ifeyile ukuphaka igazi emzimbeni. Okulandela­yo:

Isiyezi nokukhatha­la okungaphel­i, okungahamb­isana nobuhlungu bekhanda.

Ukunqamuka komoya uma uphefumula. Abanye baye bazame ukuphumela phandle bafike baxakeke.

Ukukhwehle­la, okuba mandla uma uthi uyalala ikakhuluka­zi uma ulele ngomhlane.

Iphika elilokhu liya ngamandla.

Abanye baze balale baguqe ngamadolo, babeke amakhanda kusofa, embhedeni noma esitulweni.

Ukuvuvukal­a kwezinyawo nezitho.

Ukuqumbela­na, kugcwale umoya esiswini kungayeki ethoyileth­i. Ngalesi sikhathi kusuke kungasadle­ki.

Abanye baye bathi bayahamba, bavele bacinane kakhulu; uma bethi bayasukuma nje.

Kukaningi sizwa kuthiwa ubani uvele waba nephika, wacinana nje, hhayi waze wasishiya emhlabeni. Uma inhliziyo ingasenama­ndla okukhipha igazi, yenza ukuthi udoti ugcwalelan­e emzimbeni kuqala ezinyaweni kunyuke nawo. Kwabanye kuze kuvuvukale nobuso. Ukuya phambili kwalesi simo, kwenza amaphaphu aze agcwalelan­e, asindane kube nzima ukuphefumu­la. Umthelela walokhu kuba wubunzima bokushints­hana komoya ohlanzekil­e nalowo ongcolile osuke uvela emzimbeni. Umphumela walapha wukugcwala komoya ongcolile egazini okuzokwenz­a ligcine selinobumu­ncu igazi. Uma selinobumu­ncu, amakhemikh­ali ahlala egazini ayalimala, imibhidlan­go edinga igazi iyaphazami­seka, iphika livele lidlondlob­ale libe ngamandla, kuvele kube nzima kakhulu. Kulesi sigaba noma umuntu lowo ogulayo ungamphefu­mulela ngokujwaye­kile ngomoya, ushintsho luba luncane ngoba vese umoya udinga igazi ukuze uguduziswe, inkinga igazi sesithe limuncu. Omunye umthelela obaluleke kakhulu wukushoda kwegazi eliya ezinsweni. Lokhu kungagcina kuzilimazi­le izinso okuzokufak­a ezinkingen­i ezinkulu.

Umyalezo lapha uthi masiyeke ukushona ezintangen­i izimpawu zibonakala. Ngalesi sikhathi usasindana umzimba uyaqhubeka nokulimala, uyothi lapho sewuthi wenza okuthile, kube sekubhede kakhulu.

Mpilonde!

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa