Isikhathi esiningi abantu bafa singekho isidingo
EMQONDWENI wami bekunokuthi angisebenzise isihloko esithi inkani isibulalisa ngenhliziyo. Abaningi abasebenza kulo mkhakha bazongivumela uma ngithi abantu abaningi abasishiyayo emhlabeni basishiya kade betsheliwe ukuthi izimpawu ezibonakala kubo ziyingozi ngakho kumele benze kanjani. Abantu bakithi basenenkani ephindiwe. Kuyaye kuthi noma usukhulume kangakanani, umuntu oyisiguli akushaye indiva okushoyo ukugula bese kuyadlubulundela kuze kumlimaze. Sengikushilo lokhu, bakhona abantu abahlaselwa yinhliziyo, ukufa kubathathe isigubhukane.
Ngifisa ukugxilisa ukukhuluma kwethu ezinhlotsheni ezimbili zokufa kwenhliziyo: eyokuqala, yisifo senhliziyo esibangwa wukulimala kwemithambo yegazi nezicubu; eyesibili, yisifo senhliziyo esidalwa wukukhathala kwenhliziyo, ihluleke wukuphakela igazi elanele emzimbeni. Kulezi zifo izimpawu zokugula ngenhliziyo ziba khona bese kuba wukuthi ogulayo wenzani ngezimpawu azibonayo natshelwayo ngazo.
Ake sithathe nje uhlobo lokuqala lokulimala kwezicubu zenhliziyo. Lesi isimo sicindeza inhliziyo kakhulu. Izimpawu zaso:
Ukukhathala emzimbeni okungena msusa owazekayo.
Ubuhlungu esifubeni obugwazayo nobungathi yinkwantshu.
Ubuhlungu lobu bungaba nasocabangweni buthatha cishe uhhafu wehora nangaphezulu, kube ngathi uyagandayeka lapha esifubeni, umoya kungathi uyancipha
Izinhlungu ziyenyuka ziye entanyeni nasengalweni yesobunxele ngaphakathi nayo.
Isiyezi nokuthi mawuhlanze.
Lezi zimpawu kunokwenzeka zingezwakali zonke ngesikhathi esisodwa kodwa okubalulekile ukungathalalisi uma kunophawu noma izimpawu ongakwazi ukuzichaza ukuthi zisukaphi futhi zibangwa yini. Abantu bakithi bayathanda ukuthalalisa, athi noma ezizwa, ezibona izimpawu akhethe ukuzitolika ngendlela yakhe. Okuyaye kumangaze wukuthi abantu bakithi badonsa izinyawo, bathalalise kuthi ekugcineni kuyima beza kudokotela. Sebeza kudokotela isimo sesitsheke kakhulu. Lokhu sikubona ezifweni ezinhlobonhlobo. Umuntu ahlale isikhathi eside nekhanda elibuhlungu angalazi liqhamukaphi. Ngingabala inqwaba yabantu abagcina bedlula emhlabeni ngenxa yokwenza ngale ndlela. Umbuzo uthi ngubani ozuzayo ngokufa kwakho singekho isidingo?
Kulesi sesibili isifo senhliziyo sona, impela kudela umakhasana. Abantu benza lokhu, bayeke baphinde benze okunye. Kunjalonje bayaphela abantu yilesi sifo esenza inhliziyo ifeyile ukuphaka igazi emzimbeni. Okulandelayo:
Isiyezi nokukhathala okungapheli, okungahambisana nobuhlungu bekhanda.
Ukunqamuka komoya uma uphefumula. Abanye baye bazame ukuphumela phandle bafike baxakeke.
Ukukhwehlela, okuba mandla uma uthi uyalala ikakhulukazi uma ulele ngomhlane.
Iphika elilokhu liya ngamandla.
Abanye baze balale baguqe ngamadolo, babeke amakhanda kusofa, embhedeni noma esitulweni.
Ukuvuvukala kwezinyawo nezitho.
Ukuqumbelana, kugcwale umoya esiswini kungayeki ethoyilethi. Ngalesi sikhathi kusuke kungasadleki.
Abanye baye bathi bayahamba, bavele bacinane kakhulu; uma bethi bayasukuma nje.
Kukaningi sizwa kuthiwa ubani uvele waba nephika, wacinana nje, hhayi waze wasishiya emhlabeni. Uma inhliziyo ingasenamandla okukhipha igazi, yenza ukuthi udoti ugcwalelane emzimbeni kuqala ezinyaweni kunyuke nawo. Kwabanye kuze kuvuvukale nobuso. Ukuya phambili kwalesi simo, kwenza amaphaphu aze agcwalelane, asindane kube nzima ukuphefumula. Umthelela walokhu kuba wubunzima bokushintshana komoya ohlanzekile nalowo ongcolile osuke uvela emzimbeni. Umphumela walapha wukugcwala komoya ongcolile egazini okuzokwenza ligcine selinobumuncu igazi. Uma selinobumuncu, amakhemikhali ahlala egazini ayalimala, imibhidlango edinga igazi iyaphazamiseka, iphika livele lidlondlobale libe ngamandla, kuvele kube nzima kakhulu. Kulesi sigaba noma umuntu lowo ogulayo ungamphefumulela ngokujwayekile ngomoya, ushintsho luba luncane ngoba vese umoya udinga igazi ukuze uguduziswe, inkinga igazi sesithe limuncu. Omunye umthelela obaluleke kakhulu wukushoda kwegazi eliya ezinsweni. Lokhu kungagcina kuzilimazile izinso okuzokufaka ezinkingeni ezinkulu.
Umyalezo lapha uthi masiyeke ukushona ezintangeni izimpawu zibonakala. Ngalesi sikhathi usasindana umzimba uyaqhubeka nokulimala, uyothi lapho sewuthi wenza okuthile, kube sekubhede kakhulu.
Mpilonde!