Isolezwe

‘Ingcuphe yesifo senhliziyo kobaba abahlala ekhaya’

- INTATHELI YESOLEZWE

ISIFO senhliziyo sidlangile kubantu besilisa ikakhulu labo abangobaba abahlala emakhaya. Balinganis­elwa ku- 25 961 abantu besilisa abashona ngenxa yalesi sifo.

UNksz Nicole Jennings, okhulumela inkampani yemithi egxile ezifweni ezithikame­za ukusebenza kwenhliziy­o iPharma Dynamics, uthe abantu besilisa abaningi bafisa ukuba nempilo elula yokuhlala ekhaya kodwa abacwaning­i bathi ukushintsh­ela ekubeni wubaba ohlala ekhaya kunganomth­elela ongemuhle enhliziywe­ni.

Uthe lokhu bakuthathe­la ocwaningwe­ni olwenzelwe i-US National Institutes for Health obelubheka ukuthi imisebenzi eyenziwa abantu inamthelel­a muni esimeni sabo sempilo.

“Ucwaningo lwalubheka abantu besilisa nabesifaza­ne abangu-3 600 esikhathin­i esingangem­inyaka engu-10 sathola ukuthi abesilisa ababengaba­yeni abahlala emakhaya esikhathin­i eside ebudaleni babo bebesemath­ubeni angu-82% okufa ngenxa yesifo senhliziyo uma beqhathani­swa nabesilisa abasebenza bengekho emakhaya,” kusho uNksz Jennings.

Imiphumela etholakele ihambisane nolunye ucwaningo olwenziwe yiNyuvesi iRutgers e-USA eveze ukuthi kubantu abashadile abangu-1 095 ababhekwe iminyaka engu-30 luthole ukuthi abesilisa abahlala emakhaya lapho kungomama abondlayo bebevame ukuthi babe nezinkinga zezempilo okubalwa kuzo izilonda esiswini nesifo senhliziyo nezinye.

Uthe okuholela ekutheni abantu besilisa abahlala emakhaya babe nalezi zinkinga kungenxa yokuhlulek­a ukwamukela ukuthi akusebona abanamandl­a okondla imindeni yabo.

UNksz Jennings uthe obaba abahlala emakhaya kungenzeka bagcine sebebhema kakhulu, bephuza noma bedla ngendlela okungesiyo ngoba bezama ukumelana nesimo sabo sokuzizwa bengasewon­a amadoda ngenxa yokungakwa­zi ukondla imindeni yabo. Lokhu kugcina kuholele ekutheni bagcine sebenezifo okubalwa kuzo esenhliziy­o, esikashuke­la nezinye.

Uthe yize sekunoshin­tsho olukhulu olwenza ukuthi abantu besifazane bagcine besebenza, bondla imindeni, abesilisa abaningi basazibona kuyibona abafanele ukondla imindeni yabo. Lokhu kubenza bazizwe behlelwa yisithunzi uma amakhosika­zi abo nophathina babo kuyibona abondla imindeni yabo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa