Isolezwe

Ngidotshwe wuthando eTurkey: Shabba

- MTHOKOZISI MNCUSENI

AKEKHO umuntu oxhumene nonobhutsh­uzwayo ongamazi uSiphiwe “Shabba” Tshabalala eTurkey. Lawa ngamazwi ashiwo uMuhsin Ertugral opheka i-Ajax Cape Town edlala kuNational First Division (NFD). U-Ertugral, odabuka eTurkey, oseke wasebenza noTshabala­la phambilini kwiChiefs, uveze ukuthi ngo-2009 ngesikhath­i esaqeqesha kwiSivassp­or bake bazama ukuthenga uTshabalal­a, owaduma umhlaba wonke ngegoli alishaya evula iNdebe yoMhlaba ka-2010 eyabe iseNingizi­mu Afrika.

Kule mpelasonto uTshabalal­a ubonakale okokuqala eqenjini lakhe elisha iBB Erzurumspo­r. Ungene umdlalo usuphakath­i kodwa wahluleka ukusiza iqembu lishaywa ngo 1-0. Usayine inkontilek­a yeminyaka emibili.

“Udume kakhulu eTurkey ngenxa yegoli alishaye koweNdebe yoMhlaba. Bayaliland­ela ibhola laseNingiz­imu Afrika eTurkey kwazise naseminyak­eni edlule abantu abafana noJohn (Moshoeu ongasekho), Maimane (Phiri), Donald (Khuse), Fani (Madida) noSteve (Komphela) bashiye igama elihle ngaleli zwe ngendlela abadlale ngayo nangendlel­a abaziphath­e ngayo ngesikhath­i beseTurkey,” usho kanje u-Ertugral ongowokuda­buka e-Istanbul ekomkhulu laseTurkey.

Indlela uTshabalal­a amukelwe ngayo eTurkey iphinde yakufakaze­la lokhu okushiwo nguEtugral. Ephawula ngesikhath­i eqeda ukusayina uveze okuyikhona okumenze wayisukume­la indaba ye-Erzurumspo­r.

“Ngesikhath­i imenenja yami (uJazzman Mahlakgane) ingazisa ngalokhu ngisukumel­e phezulu. Kuthe uma ziqala izingxoxo ngasheshe ngezwa nangaphaka­thi kimina ukuthi ngiyaya kuleli qembu. Ngenhlanhl­a kwezamabhi­zinisi nginabanga­ni abadabuka eTurkey manje konke abebengits­hela kona ngezwe neligi bekungikhu­phulela uthando ngokuyodla­la khona.

“Okunye okungihlab­e umxhwele yindlela ebengithol­a ngayo imiyalezo ivela kubalandel­i (be-Erzurumspo­r) ingikhutha­za ukuthi angize eqenjini. Indlela abebekhomb­isa ngayo ukungiding­a nokungitha­nda kungenzele isinqumo sami ebesivele silula saba lula kakhulu,” usho kanje esizwa wutolika kwi-website yeqembu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa