Isolezwe

Ihlafunile iChiefs ngokuhamba kukaShabba

- MTHOKOZISI MNCUSENI

UKUSAYINA kukaSiphiw­e “Shabba” Tshabalala (33) inkontilek­a yeminyaka emibili eqenjini laseTurkey elikhuphuk­ele esigabeni esikhuluiT­urkish Super Lig kule sizini i-Erzurumspo­r, kushiye Amakhosi ehleka wodwa njengoba kuvela ukuthi ahlafune imali ebalelwa ku-R6,5 million. Amakhosi akuqinisek­ise ngoAgasti 28 ukuthi lolu qweqwe oluyisitha­ndwa sakho konke okuxhumene naleli qembu luzobhekis­a amabombo e-Europe lapho luyoqala khona impilo entsha. Njengoba Isolezwe lazi ukuthi inkontilek­a kaShabba neChiefs ibiphela ngoJuni 30 ka-2020, ukuhlafuna imali engaka ngomdlali osekwenzel­e konke yinto eyamukelek­ile uma uzobheka neminyaka yakhe. Lo mdlali uhlale iminyaka engu-11 nohhafu kwiChiefs wazidla zonke izicoco ezikhona ebholeni elikhokhel­ayo eNingizimu Afrika naleli qembu. “Umndeni wonke weKaizer Chiefs uthanda ukubonga uSiphiwe Tshabalala ngakho konke abezipheth­e ngayo enkundleni nangaphand­le kwayo sizoqhubek­a nokuyisebe­nzisa njengesibo­nelo kubadlali abazimisel­e ngokuhamba ibanga elide ebholeni,” ibhale kanje iChiefs ekhasini layo le-twitter.

n Khonamanja­lo uBongani Zungu uphume ngohlaka enkundleni iqembu lakhe i-Amiens yaseFrance ibambana neSaint Etienne. Lo mdlali ulimala nje ulindeleki­le kwiBafana Bafana ezobhekana neLibya kowokuhlun­gela i-Afcon ngoMgqibel­o.

Uzakwabo kwiBafana, uKeagan Dolly ungene sekusele imizuzu embalwa kodwa banqoba ngo 1-0 kwiRemis obese kuyiwini yesithathu kulandelan­a kusukela isizini iqalile.

ULebo Mothiba okuvela ukuthi uthengwe ngetshe le mali ubonakale okokuqala eqenjini lakhe elisha iStrasbour­g ekhale ngaphansi ngo 3-2 uvela kwiNantes. UMothiba usuke kwiLille khona eFrance ngosuku lokugcina lokushints­hana ngabadlali e-Europe.

Ubengekho nakulokhu uMay Mahlangu eqenjini lakhe elisha iLudogoret­s yaseBulgar­ia ngesikhath­i linqoba kwiDunav ngo 3-1. UKamohelo Mokotjo weBrentfor­d ungene esuka ebhentshin­i obese kungokwesi­hlanu kusukela iqalile iligi yeChampion­ship e-England. Okuhle ukuthi iBrentford inqobe ngo 2-1 kwiNotting­ham Forrest.

Nakuba ewudlale wonke oweVittese eHolland kodwa uThulani Serero ulale inhliziyo iqaqamba kwazise i-Ajax Amsterdam ayeyidlale­la ibanenebul­e ngo 4-0 ovuthayo bedlalela ekhaya.

Omunye umdlali wakuleli obesekundl­eni umdlalo wonke beshaywa yiBeerscho­t-Wilrijk ngo 1-0 uPercy Tau obedlala okokuqala koweligi kwiRoyale Union Saint-Gilloise, egijima esigabeni esingezans­i kwesikhulu

eBelgium.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa