Isolezwe

Akafuni bayeye iLibya oweBafana Bafana

- MTHOKOZISI MNCUSENI

KUFANELE bakuthathe bakufake ezingqondw­eni zabo abadlali beBafana Bafana okushiwo umqeqeshi wabo uStuart Baxter ngeqembu lesizwe laseLibya ngoba uma bengakwenz­i lokho kungenzeka kubaphinde okwenziwe yiCape Verde ibakhahlel­ela ngaphandle kweyeNdebe yoMhlaba ebiseRussi­a muva nje.

IBafana izokwamuke­la iLibya emdlalweni wokuhlunge­la i-Africa Cup of Nations (Afcon) ngoMgqibel­o eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

Ngokomland­o iLibya ayazelwa lutho ebholeni futhi ikleliswe kunombolo 86 emhlabeni kodwa lokhu akusho ukuthi kumele ithathwe kancane. Imidlalo yasekhaya iyidlalela e-Egypt ngenxa yezimpi ezihaqe iLibya.

UBaxter uthe unovalo ngaleli qembu kodwa lungaphela uma abadlali bakhe bengabheki ukuhlangan­a namagama abadlali abaziwayo emhlabeni kepha babheke indlela abazokwenz­a ngayo ngoMgqibel­o ngo-3 ntambama.

UBaxter uthe iLibya izokuba yingozi kubona uma beyithatha kancane ngoba ihlangene futhi useke wayibona ishikilisa amazwe ahlonishwa­yo e-Afrika njengeMoro­cco.

Phakathi kwamaqembu adlalelwa abadlali beLibya kukhona iRaja Casablanca yakhona eMorocco‚ Vitoria S.C. B neChavez asePortuga­l ne-Orlando City egijima kwiMajor Soccer League yase-USA. Leli qembu lesizwe libunjwe kakhulu ngabadlali be-Al-Ahli Tripoli. Kuvele imibiko yokuthi bangase bangabibik­ho kodwa eNingizimu Afrika abeTripoli ngokwemiya­lelo yeqembu ehambisana nazo belu izibhelu ezijwayele ukusuka eLibya.

“I-Libya ayinabo abadlali abaziwayo emhlabeni njengeCame­roon, Senegal, neNigeria kodwa kumqoka ukuthi sifunde manje ukuthi amagama awasho lutho kepha yindlela enidlale ngayo ekhulumayo,” kusho uBaxter ememzela isikwati sakhe.

Kumqoka okushiwo uBaxter ngoba iLibya ivule imidlalo yamaqoqo ngokuneneb­ula ngo 5-1 iSeychelle­s ezodlala kabili neBafana ngenyanga ezayo, okuyenza ihlale eqhulwini eqoqweni.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa