Isolezwe

Ulinde ithuba lokuzibona­kalisa kwiDowns

- NDUDUZO DLADLA

AKUMKHATHA­ZI nakancane ukuthi ijezi liyameqa kwiMamelod­i Sundowns umdlali wasemuva uSiyabonga Zulu. Lesi sitobha sithengwe amaBrazili­ans kwiPlatinu­m Stars ngoJanuwar­i nonyaka.

Kuze kube manje uZulu usanemidla­lo emithathu kuphela kuleli qembu. Nakuba efice uTebogo Langerman enza kahle ophikweni lwesokunxe­le emuva kodwa abaningi bebebheke ukuthi uyena okuzothi uma uLangerman engadlali avale isikhala.

Kodwa lokhu akwenzekan­ga kunalokho umqeqeshi weMamelodi Sundowns uPitso “Jingles” Mosimane usayine uLyle Lakay weCape Town City ofike wangena khaxa egiyeni wadlala kule ndawo.

UZulu, ekhuluma nezintathe­li ngesikhath­i kwethulwa imidlalo yePrince Mangosuthu Buthulezi Legacy Cup ngempelaso­nto, uthe uPitso umthembisi­le ukuthi uzomnika ithuba.

“Bekunamaqe­mbu amaningi abengifuna futhi efuna ukungithen­ga kwiSundown­s engafuni ukuthi ngibolekis­we. Nokho uPitso ukuchithil­e konke lokho wathi angibekeze­le ngizolitho­la elami ithuba. Kungakho ngingakhat­hazekile ngokwenzek­ayo njengamanj­e. Ngilinde ithuba bese ngiyazibon­akalisa. Ebholeni abadlali bayalimala, kube namakhadi ngakho ngithemba ukuthi ngizolitho­la ithuba lami,” kusho uZulu.

Eqhubeka echaza uZulu uthe uzizwa eyingxenye yeSundowns kakhulu kunakuqala njengoba ebizwa emihlangan­weni yeqembu futhi kungekho afihlelwa khona.

“Angilahlek­ile neze futhi angizizwa ngilahliwe. Yonke into eyenziwayo ngiyafakwa nami kuyona, zonke izinqumo ngiyaziswa futhi ngazo,” usho kanje uZulu.

Ngokusho kwalo mdlali ukunqaba kukaPitso ukuthi athengwe amanye amaqembu sekumqinis­e idolo.

“Kufanele ngidlale kahle uma kuvela ithuba. Njalo uma siziqeqesh­a ngiyaye ngizame ukuxoxa naye ngibuze lapho ngingacaci­selekanga khona. Inhloso yami okwamanje wukufunda kakhulu ukuze kuthi uma sekuvela ithuba lingifice ngisesimen­i esihle,” kuqhuba uZulu.

UZulu usadlale kanye kwiBafana Bafana ngesikhath­i idlala neMauritan­ia kuhlungelw­a imidlalo ye-Africa Cup of Nations (AFCON). Kulowo mdlalo waphuma ngekhadi elibomvu.

“Ngemuva kwalowo mdlalo, ngafonelwa abaqeqeshi abehlukene bengiduduz­a bethi ngiyakhula, yizinto ezenzekayo ebholeni. Ngingathi nje kwangikhul­isa kakhulu okwenzeka noma kungabanga yinto enhle,” kuphetha uZulu.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? USIYABONGA ZULU ongomunye wabadlali beMamelodi Sundowns abeqiwa yijezi
Isithombe: BACKPAGEPI­X USIYABONGA ZULU ongomunye wabadlali beMamelodi Sundowns abeqiwa yijezi

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa