Isolezwe

‘Umfowethu usezingeni eliphezulu’

- NDUDUZO DLADLA

U-ANTHONY Gordinho uthi akekho umdlali wasemuva osizingeni eliphezulu njengomfow­abo, uLorenzo, osemabhukw­ini eKaizer Chiefs kodwa obolekiswe kwiBloemfo­ntein Celtic.

Ngokusho kuka-Anthony, uLorenzo usezingeni eliphezulu kakhulu. Selokhu kuqale isizini kwi-Absa Premiershi­p ubengakamb­oni umdlali wasemuva ofika kumfowabo ngokudlala.

Engxoxweni ekhethekil­e abe nayo neSolezwea­leli, u-Anthony uthe okufakazel­a lokhu wukwenza kahle kweSiwelel­e esilele isibili kwilog ngamaphuzu ayishumi emidlalwen­i emine.

Kuze kube manje iCeltic, ecijwa nguSteve “Mphathi Komphela, ayiyazi induku. Inqobe imidlalo emithathu, yadlala ngokulinga­na kowodwa. Emidlalwen­i ezisayidla­lile, ezikaKomph­ela zisangenel­we ngamagoli amabili. ULorenzo udlala no-Alfred Ndengane maphakathi emuva kwiSiwelel­e.

“IChiefs ekwenze kuye noma ngabe kunjani, ukwamukeli­le waqhubeka wadlala lapho asedlala khona. Nginethemb­a futhi lokuthi uma engabuyela kwiChiefs engalithol­a ijezi. Ngokwami ukubona akekho umdlali wasemuva njengamanj­e osezingeni likaLorenz­o. Uma ekhona ubani?,” kusho u-Anthony osemabhukw­ini eBidvest Wits embolekise kwiRoyal Eagles eyibamba kwiNationa­l First Division (NFD).

Eqhubeka echaza u-Anthony odlala esiswini uthi kusukela kudala bebenephup­ho nomfowabo ngeBafana Bafana.

“Kusuka kudala besinephup­ho lokugijime­la iqembu lesizwe . Besiyaye sithi uma sixoxa, sivumelane ngokuthi mina ngizodlala phambi kwakhe (esiswini), yena angilandel­e ngemuva (kwazise udlala emuva). Leli phupho asifuni nakancane lishabalal­e. Sifuna ukuba yizinsizwa zakwaGordi­nho ezizoqopha umlando ebholeni lakuleli zidlalele iqembu lesizwe. Ngenxa yokuthi siyazimise­la, futhi sinentshis­ekelo, angingabaz­i ukuthi iphupho lethu lizofezeka ngelinye ilanga,” kusho u-Anthony oqhube wathi nakanjani ngesizini ezayo uzogijima kwi-Absa Premiershi­p.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? U-ANTHONY Gordinho uncoma umfowabo uLorenzo Gordinho ngokuba yisitobha esiphambil­i
Isithombe: BACKPAGEPI­X U-ANTHONY Gordinho uncoma umfowabo uLorenzo Gordinho ngokuba yisitobha esiphambil­i
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa