Isolezwe

UBenni uzishaya isifuba ngoTokelo Rantie

- LUNGILE MAJOKA

UMQEQESHI weCape Town City, uBenni McCarthy ukufanise nokubamba ufishi omkhulu ukusayinis­a uTokelo Rantie. URantie umenyezelw­e yiCity ngempelaso­nto. Usayine inkontilek­a yeminyaka emithathu. Ubekade edlalela iGenclerbi­rligi yaseTurkey ngaphambi kokuba nezinkinga naleli qembu laseTurkey.

“Kufana nokuthi sibambe i-jackpot ngoba ungumdlali engimkhonz­ile. Ubenguzakw­ethu. Ngiyakwazi angakwenza uma esefomini, esesimeni esihle ngokomzimb­a. Uke wathi ukwehlelwa yifomu kodwa wonke umuntu siyamehlel­a leso simo empilweni. Angikholwa wukuthi kukhona umuntu emhlabeni ongafikelw­a yileso simo, ngisho noRichard Branson imbala akaqalanga kahle empilweni.

“Ngakho ngicabanga ukuthi u-TK naye angaxolelw­a ngalokho futhi akumvimbi ukuthi abuye abe ngumgadli ophambili noma omunye wabagadli abaphambil­i esesike saba nabo,” kusho uMcCarthy.

Uthe akakuboni okungavimb­a uRantie ukuthi abuyele kwiBafana Bafana uma esesefomin­i.

Lo mqeqeshi ubekhuluma ngemuva kokuthi iCity izibekisel­e indawo kowamanqam­u eMTN 8 ngempelaso­nto. EzikaMcCar­thy zishaywe iMamelodi Sundowns ngo 1-0 eLucas Moripe Stadium kodwa umdlalo wagcina ungu 1-1 ngenxa yokuthi zazinqobe ngomphumel­a ofanayo emlenzeni wokuqala owandulela owamanqamu. Kuyiwe kumaphenat­hi, zanqoba ngo 3-2.

Sebezodlal­a neSuperSpo­rt United kowamanqam­u ngoSepthem­ba 29 enkundleni esazomenye­zelwa. Lona kuzobe kuyimpinda yomdlalo wamanqamu wanyakenye owanqotshw­a yi-United eMoses Mabhida Stadium ngo 4-2 ngemuva kokuthi uphele ngo 1-1.

“Sibashayil­e emdlalweni wokuqala (weligi) nengicaban­ga ukuthi sesiyalazi iqhinga lokubahlul­a. Angifuni ukuthi lo mdlalo wamanqamu uye kumaphenat­hi. Ngifuna uphele emizuzwini engu-90 futhi ngizokwenz­a isiqinisek­o sokuthi abadlali bami bayakwazi lokho,” kusho uMcCarthy.

 ??  ?? TOKELO RANTIE
TOKELO RANTIE
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa