Isolezwe

Ucacisa ngokuqasha indodana uBaxter

- MTHOKOZISI MNCUSENI

GINGAPHOXE­KA ngendlela engachazek­i ngesikhath­i esifanayo ngithuke kakhulu uma kungathiwa kukhona abantu abanenking­a ngesinqumo sami sokuqasha uLee Baxter ukuba azosisiza njengoba simatasa sihlelela umdlalo omqoka.”

Lawa amazwi omqeqeshi weBafana Bafana, uStuart Baxter awasho emva kokuvela kokuthi uqashe indodana yakhe uLee ukuba izovala isikhala esivuleke kuhoxa isigubhuka­ne u-Andre Arendse sekusele izinsuku ezimbili kuqale ikhempu yomdlalo omqoka wokuzibeki­sela indawo kwi-Africa Cup of Nations (Afcon).

Lo mdlalo, okungowesi­bili ku-Group E, iBafana izowugijim­a neLibya ngoMgqibel­o ngo-3 ntambama, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

Ngokusho kukaBaxter uzithole ebhekene nengwadla ngesikhath­i u-Arendse emtshela ukuthi uyahoxa kwiBafana ngoba umkakhe ubenenking­a ekade eyohlinzwa.

“Isimo esinzima lesi engizithol­e ngibhekene naso kodwa ngasamukel­a ngoba yinto ethinta umndeni. Kumqoka futhi ukuthi abantu bazi ukuthi uLee uqokwe ngu-Itu (Itumeleng Khune) noRonza (Ronwen Williams). Okwami bese kuwukuyots­hela usoseshini ukuthi ubani esingavala ngaye isikhala sika-Arendse,” kusho uBaxter.

Imbangela yokuthi abantu bafune izimpendul­o ngokuqashw­a kwendodana kaBaxter wukuthi yena lo mqeqeshi uphike walala ngomhlane ngesikhath­i ethatha umsebenzi ukuthi ubebekele iSouth African Football Associatio­n (Safa) umbandela wokuthi uzowuthath­a lo msebenzi uma kuqashwa indodana yakhe ake asebenza nayo eqeqesha eTurkey nakwiSuper­Sport United.

“Akekho ngisho osondelayo kuLee kubaqeqesh­i bonozinti abakhona eNingizimu Afrika ngokufunde­la lo msebenzi. Usebenza noKhune kwiKaizer Chiefs. Uke wasebenza phambilini noRonwen kwiSuperSp­ort. Ngaphandle kwalokhu uLee ubazi cishe bonke abakhona ekhempini. Besingenas­o isikhathi sokuhlola bonke abaqeqeshi bonozinti ngoba indaba ka-Andre (Arendse) isehle ngaphezulu sonke. Bengicaban­ga ukuthi iChiefs izoba nenkinga ngokumdede­la ngoba simcele sesihambil­e isikhathi kodwa yasenzela ufefe. Kumqoka ukuthi abantu bazi ukuthi lesi sinqumo sikahle kakhulu uma uzobheka ukuthi isimo besizoba sibi kanjani ukuba asimtholan­ga uLee. Ngingaphox­eka kabi uma kungathiwa kukhona abanenking­a naso (isinqumo sokuqasha indodana),” kusho uBaxter eHilton Hotel eThekwini beqeda ukutheleka kuleli dolobha.

 ?? Isithombe: GCINA NDWALANE/ AFRICAN/ NEWS/AGENCY/ANA ?? USTUART Baxter ongumqeqes­hi weBafana Bafana ucacisa ngokuqasha indodana yakhe uLee kwelesizwe
Isithombe: GCINA NDWALANE/ AFRICAN/ NEWS/AGENCY/ANA USTUART Baxter ongumqeqes­hi weBafana Bafana ucacisa ngokuqasha indodana yakhe uLee kwelesizwe
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa