Isolezwe

Gwema umbango ubhale incwadi yefa

- PHILI MJOLI

UMBANGO wesidumbu ungagwemek­a uma bonke abantu bengaba nencwadi yefa ebalula ukuthi bafuna ukungcwats­hwa ngobani, kuphi futhi bafuna ukungcwats­hwa kanjani.

Lokhu kushiwo nguNksz Abongile Swana ongummeli enkampanin­i iNorton Rose Fulbright South Africa Inc eseLa Lucia.

Kuke kwenzeke ukuthi umakoti abange nabasemzin­i ukuthi umyeni wakhe uzongcwats­hwa kuphi. Kwesinye isikhathi amakhosika­zi abange ukuthi ngubani ozongcwaba umufi. Konke lokhu uNksz Swana uthe kungagweme­ka uma kucacisiwe encwadini yefa.

UNksz Swana uthe incwadi yefa ichaza konke okufiswa wumufi kusukela ekutheni ifa ufisa ukuthi labelwe bani, ukuthi uyanikela noma akanikeli ngezitho zomzimba wakhe. Kuyo le ncwadi umufi ayibhala esaphila angachaza ukuthi ufisa ukuthi angcwatshw­e ngubani futhi amngcwabe kuphi.

UNksz Swana ubesho lokhu nje sekusondel­e isonto lokugqugqu­zela ukuthi abantu babhale izincwadi zamafa iNational Wills Week eqala ngoSepthem­ba 12 kuya ku-17.

Kuleli sonto abameli abathile bazobe bebhalisa noma ngubani ofisa ukubhala incwadi yefa mahhala. UNksz Swana uthe abantu abamnyama abaningi bashona bengenayo incwadi yefa okuye kuholele ekutheni uMbuso kube nguwo owaba ifa lakhe, okungenzek­a ukuthi le ndlela olaba ngayo ubengayith­andi.

“Umthetho uthi noma ngubani oneminyaka ewu-16 kuya phezulu angayibhal­a incwadi yefa achaze ukuthi ufuna ukuthi kwenzekeni ngefa lakhe uma eshona. Uma ekhetha abantu abazobheka izingane kubaluleki­le ukuthi kube nabantu ababili ngoba kungenzeka amkhethayo angahambis­ani nombono wakhe noma ashone ngaphambi kwakhe noma bashone ngesikhath­i esisodwa,” kusho yena

Okunye okubalulek­ile ngukuthi abantu bangakukho­hlwa ukuthi kubaluleki­le ukuthatha imishwalen­se ezokhokhel­a izikweleti ukuze imali abayishiyi­le ingancuzwa kukhokhelw­a izikweletu.

“Uma uzibhalele kuba kuhle ukuthi uyibhale ngekhompyu­tha, ukuze kungabi nokungabaz­a ukuthi yabhalwa nguwe. Kumele wena nofakazi bakho ababili nibe sendaweni eyodwa ngesikhath­i nisayina, ngoba kungenzeka ukuthi kukhona obekuphoqa ukuthi uyibhale ngendlela ethile,” kusho yena. I-website enabameli abazobe besemkhank­asweni wokusiza ngokubhala incwadi yefa mahhala KwaZulu-Natal: http:// www.lssa.org.za

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UNKSZ Abongile Swana weNorton Rose Fulbright South Africa Inc, eseLa Lucia Ridge, uthi kumqoka ukubalula indaba yokuthi ufuna ukungcwats­hwa kanjani, kuphi encwadini yefa
Isithombe: SITHUNYELW­E UNKSZ Abongile Swana weNorton Rose Fulbright South Africa Inc, eseLa Lucia Ridge, uthi kumqoka ukubalula indaba yokuthi ufuna ukungcwats­hwa kanjani, kuphi encwadini yefa

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa