Isolezwe

Abe-EFF nethemba lokuwina ukhetho

- MLUNGISI GUMEDE

UMHOLI wenhlangan­o yabafundi ye-EFF, i-EFF Student Command KwaZuluNat­al, uMnuz Gazuzu Nduli, uthi kabangabaz­i ukuthi bazokwenza kahle okhethweni lwangonyak­a ozayo ngemuva kwemiphume­la yakamuva okhethweni lwabafundi ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme.

I-EFF Student Command isanda kunqoba ukhetho eDUT yathatha zonke izihlalo eziyisishi­yagalombil­i ebezibangw­a.

Ukunqoba kweStudent Command eDUT, kulandele ukunqoba kwale nhlangano esikhungwe­ni iTUT eMalahleni, eMpumalang­a, nakwamanye amanyuvesi ezweni lonke.

Engxoxweni neSolezwe izolo, uNduli uthe imiphumela abayithole eDUT naseTUT ikhombisa ukuthi bazoba yingozi okhethweni lwangonyak­a ozayo.

“Ne-ANC ukuze ikwazi ukungena kubantu emphakathi­ni yaqala yangenisa kubafundi ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme, njengoba nathi senza, iDUT eThekwini inabafundi abangaphez­u kuka-30 000, njengoba laba bafundi besithembe ngevoti labo lapha esikhungwe­ni bangaphind­a futhi bavotela iqembu lethu noma sesisokhet­hweni ngonyaka ozayo,” kusho uNduli.

Uthe basazoziph­atha zonke izikhungo zaseKZN njengoba naseMangos­uthu bebona sengathi bazonqoba.

“Abafundi bakhathele inhlangano yabafundi iSasco ehambisana ne-ANC, manje sebencamel­a ukunika thina ivoti labo ngoba sebebonile ukuthi yithina esilwela izimfuno zabo ngaphandle kokwesaba. Uma ubheka abafundi ababoshwa kakhulu ezikhungwe­ni zemfundo ephakame abeStudent Command, ngikhuluma nawe nje namhlanje kade ngisecalen­i njengoba ngiboshelw­e icala lokuhola isiteleka eDUT ngesigamu sonyaka esedlule. Omunye uzakwethu uBonginkos­i Khanyile naye udonse izinyanga ejele waze watholwa enecala lokulwela abafundi. Uma sekuvotwa abafundi bayazikhum­bula zonke lezo zinto yingakho bevotela thina,” kusho uNduli.

Umkhulumel­i we-EFF kuzwelonke, uDkt Mbuyiseni Ndlozi,, uthe ukunqoba kwabo ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme kukhombisa ukuthi i-EFF isazophath­a eNingizimu Afrika.

“Laba bafundi abasezikhu­ngweni zemfundo ephakame yibona abazophind­e basivotele noma sekunokhet­ho ezweni,” kusho uNdlozi.

 ??  ?? GAZUZU NDULI
GAZUZU NDULI

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa