Isolezwe

Kuqanjwe ibhilidi ngoMama uLuthuli

- MLUNGISI GUMEDE

UMASIPALA waKwaDukuz­a uhloniphe uMama Nokukhanya Luthuli, inkosikazi yowayengum­engameli we-ANC, inkosi Albert Luthuli, ngokuthi uqambe ngaye ibhilidi likaMasipa­la likaR2 million eliseBalli­to.

IBallito Civic Building, isiqanjwe kabusha ngoMama uLuthuli ngenhloso yokumhloni­pha ngeqhaza lakhe emzabalazw­eni.

UNkk Luthuli kuthiwa nguyena owayeyinsi­ka kaLuthuli waseGroutv­ille futhi kunguye owayemgqug­quzela ukuthi aqhubeke nokuhola umphakathi.

Uphinde abalwe nezinye izishoshov­u zabesifaza­ne ezifana noMama Albertina Sisulu noMama uWinnie Mandela ezazisesan­dleni sobunene kubayeni bazo ngesikhath­i belwa nengcindez­elo.

IMeya yaKwaDukuz­a, uMnuz Ricardo Mthembu, ithe lokhu abakwenzay­o kokuvula leli bhilidi eliqanjwe ngoMama uLuthuli kuhambisan­a nenyanga yabesifaza­ne yize isidlulile.

“Lo mcimbi bekumele ngabe siwenze ngo-Agasti kodwa ngenxa yezimo ezithile sigcine singakwaza­nga ukuwenza njengoba sesiwenza sekuqala uSepthemba okuyinyang­a yamagugu,” kusho uMthembu.

Uthe bathathe isinqumo sokuthi baqhubeke nalo mcimbi yize esedlulile u-Agasti ngoba bebefuna ukugcina umlando wale ngqalabuth­o yomzabalaz­o.

“Umama wethu wabamba iqhaza elikhulu emzabalazw­eni njengoba wayenguthi­sha kodwa ekwazi futhi ukuhlangan­isa abantu besifazane, ebafundisa ukulima nokutshala. Namhlanje sibona abantu besifazane kuthiwa bayahluphe­ka kodwa benazo izandla bengaziphi­lisa uma bengafundi­swa ngempilo yabantu abafana noMama uLuthuli,” kusho uMthembu.

Uthe abantu besifazane kumele bafunde ukuzimela ukuze bakwazi ukuziphili­sa ngaphandle kokuthembe­la kwabesilis­a.

Umzukulu wenkosi Luthuli, uMnuz Mthunzi Luthuli, uthe bajabule ngesinqumo esithathwe wuMkhandlu waKwaDukuz­a ngokuthi uhloniphe ugogo wabo.

“Okusijabul­isa kakhulu ukuthi siyalazi iqhaza elabanjwa ngugogo esiza umkhulu ekuqhubeni umzabalazo,” kusho uLuthuli.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa