Isolezwe

Ubona kuzosiza iBanyana ukwanda kwabaphesh­eya

- LUNGILE MAJOKA

UKWANDA kwesibalo sabadlali beqembu lebhola lesizwe labesifaza­ne abadlala kumaligi angaphandl­e kwaseNingi­zimu Afrika kwenyusa ithuba lokuthi lizibekise­le indawo kwiNdebe yoMhlaba okokuqala emlandweni.

Lona ngumbono ka-Amanda Dlamini owayenguka­puteni weBanyana Banyana ngesikhath­i iya okokuqala kuma-Olympic ngo-2012 eLondon.

“Besilokhu sisala kancane ekutheni siye kwiNdebe yoMhlaba kodwa kulokhu ngibona sinethuba elihle. Abadlali abapheshey­a bazobuya nesipiliyo­ni esikhulu ngoba izinga lokudlala kumaligi abo liphezulu. Yilokhu esikudinga­yo,” kusho uDlamini.

Ubekhuluma ngemuva kokuthi umqeqeshi weBanyana, uDesiree Ellis eqinise iqembu lakhe elizodlala kwiCosafa Cup, ngabadlali abazinze phesheya.

Ulande ukaputeni uJanine van Wyk, Thembi Kgatlana noLinda Motlhalo bonke abadlala kwiHouston Dash e-USA.

UKgatlana noMotlhalo bajoyine iDash kulo nyaka kanti uRefiloe Jane usanda kuthola inkontilek­a neqembu laseAustra­lia iCranberra. Lawa ngamazwe anamaligi angcono ebhola labesifaza­ne uma kuqhathani­swa nelakuleli elingenaso isigaba esiphezulu.

Imidlalo yeCosafa izoba ngoSepthem­ba 12-22 ePort Elizabeth kanti umqeqeshi uDesiree Ellis uthe izofana neyokucije­la eyokuhlung­ela iNdebe yoMhlaba.

INdebe yoMhlaba eseFrance ngonyaka ozayo izohlungel­wa nge-African Women Champions League engoNovemb­a ezweni elisazomen­yezelwa.

Kudingeka amazwe amathathu azoya komela i-Afrika eFrance.

Okuchaza uDlamini kakhulu ngokwanda kwabadlali besifazane abaya phesheya wukuthi bazibambel­a mathupha.

“Akekho okukhuluma ngemenenja. Kuyakhombi­sa ukuthi abantu besifazane baqine kangakanan­i. Bayakwazi ukuzenzela izinto. Kuqale uJanine wahamba. Nabanye manje sebeyaland­ela. Iqembu lethu lizoqina kakhulu kunakuqala,” kusho uDlamini.

KwiCosafa iBanyana iqhathwe neBotswana, Madagascar neMalawi. Nyakenye elakuleli lanqoba isicoco ngaphansi kobuholi buka-Ellis okwenze wanikwa umsebenzi ngokugcwel­e ngemuva kokubamba isikhathi eside.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa