Isolezwe

UModise uyaphendul­a kolukaGabu­za

- LUNGILE MAJOKA

OWAYEDLALE­LA iBanyana Banyana, uPortia Modise, useziphend­ulele ngokugxekw­a ngabanye ngokuziqha­thanisa nomgadli we-Orlando Pirates, uThamsanqa Gabuza.

UModise nguye kuphela umdlali webhola e-Afrika oseke washaya amagoli awu-100 ezingeni lomhlaba kwabesifaz­ane noma kwabesilis­a. Uyeke ibhola enamagoli awu-104 emidlalwen­i ewu-124 kwiBanyana. Uziqhathe nabalandel­i bebhola eNingizimu Afrika ngemuva kokusho emsakazwen­i ukuthi yena angenza kangcono kunoGabuza ekushayeni amagoli.

Abanye babuyele enkulumeni kaModise ayenza kwiSA FM ngemuva kokuthi uGabuza egile umhlolo ngesonto eledlule ephuma enkundleni ngaphandle kwemvume kanompempe ngoba edinwa abalandeli beZimnyama abebemsola ngokugeja.

Babodwa abebethi uModise ube nomthelela engcindezi­ni esitholwa wuGabuza onamagoli angafikile ku-10 kwiligi selokhu afika kwiPirates kumasizini amahlanu edlule.

“Mina ngangingah­losile okubi, ngangikhul­uma ngebhola. Ngiyaxolis­a uma kuwukuthi ngamhlukum­eza ngenkulumo yami uGabuza,” kusho uModise.

Ngesikhath­i ekhuluma emsakazwen­i wayephendu­la umbuzo womlaleli wokuthi ukube ithuba lalikhona, wayengayen­za yini inhlolokho­no eqenjini labesilisa.

“Ngihlale ngizibuza lokho uma ngibuka ibhola (le-Absa Premiershi­p). Ikakhuluka­zi uma ubukela oGabuza. Uyazibuza ukuthi bengizomhl­alisa ebhentshin­i, ngimdlise amaqhwa lo. Indoda evimba ibhola ngesivikel­ambani (shin guard). Hhayi mina ngingaliva­la kangcono la,” kwaba yimpendulo kaModise.

Waqhuba wathi “uma ngidlale ibhola noYeye (Reneilwe Letsholony­ane),” emazingeni aphansi, baningi angazenzel­a kubona. “Uma ngabe lalikhona ithuba elinjalo nginesiqin­iseko sokuthi sinoVeroni­ca Phewa sasizojabu­lisa abaningi.”

Uthe ukube yena uwuGabuza, ubengeke azikhathaz­e ngokushiwo ngabantu.

“Kodwa ngingenza umsebenzi enkundleni. KwiBanyana ngangiqash­elwe ukushaya amagoli kwakuyiwon­a umsebenzi wami. Uma ngangingaw­enzi babezongix­osha. Namanje uma kungase kuqhamuke othi ungcono kunoPortia ngeke ngikhale ngalokho ngoba umsebenzi wakhe ungazikhul­umela wona enkundleni.”

 ??  ??
 ??  ?? PORTIA MODISE
PORTIA MODISE

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa