Isolezwe

Kusazoba nzima impela: izazi zomnotho

- BONISWA MOHALE

UKUNGAKHUL­I komnotho ngendlela egculisayo emakoteni amabili onyaka elandelana kufanele kubakhatha­ze abantu ngoba kusho ukuthi kusazoshub­a.

Lona kube ngumbono wezazi zomnotho nepolitiki ngesikhath­i zichaza nge-technical recession okuyisimo sokungakhu­li komnotho ngendlela eyamukelek­ile.

Isazi somnotho nezomtheth­o, uSolwazi Bonke Dumisa, sithe iNingizimu Afrika ikwi-technical recession ngenxa yokuthi umnotho ukhule ngo-2.6% ngekota yokuqala wakhula ngo-0.7% ngekota yesibili.

“Abantu kufanele bakhathaze­ke ngetechnic­al recession ngoba isho ukuthi ngeke kudaleke amathuba amasha omsebenzi futhi nentela ekhokhwa wosomabhiz­inisi izoncipha. Intela izoncishis­wa wukuthi osomabhizi­nisi bangase badilize abantu ngakho uma izinkampan­i zingasakhi­qizi lutho kusho ukuthi ngeke zisayikhok­ha intela. Kungenzeka ukuthi singene kwinzikamn­otho ngenxa yokuthi izinhlanga­no ezimbili eziklelisa amazwe ngokomnoth­o zisifake esigabeni sezwe elingathem­bekile kubatshali­zimali sekusele eyodwa esasithemb­a,” kusho uDumisa.

Uthe kunabantu okubonakal­a sengathi bafuna ukushaya iRandi besebenzis­a indaba yokubuyisw­a komhlaba ngaphandle kwesinxeph­ezelo.

Ugqugquzel­e abantu ukuthi babophe izifociya, wacela abasebenzi abahola kahle, abale kubo izikhulu zezinkampa­ni, ukuba bayeke ukuzinyuse­la imihlomulo namaholo ngezigidi.

Ebuzwa ukuthi ngabe imali mboleko izonyuka yini njengoba isimo somnotho sintenga, uthe okwamanje akakuboni kwenzeka lokho ngoba inyuswa uma abantu sebeboleka ngokweqile.

UMnuz Dawie Roodt, oyisazi somnotho se-Efficient Group, uthe abantu kufanele bakhathaze­ke kakhulu ngoba isimo somnotho simanzonzo.

“Izinkinga esibhekene nazo yebo ziyafana nezamanye amazwe asathuthuk­a ngokomnoth­o kodwa okwenza isimo sibe manzonzo eNingizimu Afrika wukuthi uhulumeni akakwazi ukucacisel­a abatshaliz­imali ukuthi umi kuphi ngohlelo lokukhucul­ula inkohlakal­o ezinkampan­ini zikahulume­ni. Kunezinkam­pani okwaziwayo ukuthi imali ibibhubhud­lwa wubani kuzo kodwa akekho oseboshiwe. Uhulumeni kufanele asize abantu ngokubheke­la izidingo zezwe hhayi eze-ANC kuphela. Kusazoba nzima kakhulu njengoba kuyiwa okhethweni, abantu kufanele bakhathaze­ke,” kusho uRoodt.

Uthe akukho abantu abangakwen­za ukushintsh­a lesi simo ngoba izifociya ziyabaklin­ya kwazise intela ekhokhwa uma uthenga impahla inyukile yasuka ku-14% yaya ku-15% futhi awadaleki amathuba omsebenzi amasha.

“Abampofu bazoqhubek­a nokuswela bese kuthi abasebenza­yo babe sovalweni lokudilizw­a. Kungenzeka ukuthi imali mboleko inyuke. Angikwazi ukucela abantu ukuthi benze okuthile ngoba izifociya engangithe abazibophe kufanele ukuthi ziyabansin­ya manje. Kufanele bazihlanga­nise nezinhlang­ano ezinombono ofana nowabo futhi ezizothuth­ukisa umnotho wezwe ngoba kusazoshub­a,” kusho uRoodt.

Umhlaziyi wepolitiki ozimele, uMnuz Ralph Mathekga, uthe okwenzeka njengamanj­e kuyinkinga yamazwe omhlaba kodwa uhulumeni naye kufanele agxekwe ngoba akenzi okwanele ukubuyisa ithemba kubatshali­zimali.

Wenze isibonelo sokuthi izinkampan­i zikahulume­ni zitakulwa mihla namalanga yize kwaziwa ukuthi wobani abaxhaphaz­e imali, kabajezisw­a kunalokho ngabakhokh­i bentela abathwalis­wa usizi.

“Okubi nge-technical recession wukuthi abatshaliz­imali ngeke bayifake imali emnothweni wezwe okusho ukuthi amathuba omsebenzi amasha ngeke abe khona, abaqashiwe banovalo lokuthi bangase badilizwe. Uhulumeni kufanele alwe nenkohlaka­lo, acacise ngodaba lokubuyisw­a komhlaba ngaphandle kwesinxeph­ezelo ngoba njengoba luluhlaza kanje alubaniki ithemba abatshaliz­imali,” kusho uMathekga.

Uphinde wakhala nangokuthi uhulumeni akazibophi­le izifociya futhi akucaci nokuthi isimo silungiswa kanjani e-Eskom ukuze izwe lihlale linogesi.

Uthe akazi ukuthi abantu angathi abenzenjan­i ukulungisa isimo ngoba impilo iyabiza eNingizimu Afrika selokhu kunyuswe intela ekhokhwa uma uthenga impahla, kwanyuka imali yokugibela nokudla.

 ?? Isithombe: FACEBOOK KADUMISA ?? USOLWAZI Bonke Dumisa uthi abantu kufanele bakhathaze­ke ngokungakh­uli kahle komnotho waseNingiz­imu Afrika ngoba kuza nezinkinga eziningi
Isithombe: FACEBOOK KADUMISA USOLWAZI Bonke Dumisa uthi abantu kufanele bakhathaze­ke ngokungakh­uli kahle komnotho waseNingiz­imu Afrika ngoba kuza nezinkinga eziningi
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa