Isolezwe

UBaxter ufuna ukuceba iqembu laseFrance

- MTHOKOZISI MNCUSENI

UMQEQQESHI weBafana Bafana, uStuart Baxter, uhlela ukuqhatha iqembu elidlala kwiFrench League 1, iStrasbour­g FC, nolaka lweFifa.

UBaxter usola iStrasbour­g FC ngokunyomf­a izinhlelo zakhe ngokwenqab­a ukudedela umgadli abehlele ukumsebenz­isa, uLebo Mothiba.

Lokhu kwenzeke kabi vele iBafana ibhekene nengwadla yokulinyal­elwa ngabadlali abamqoka ngaphambi komdlalo wayo wokuhlunge­la i-Africa Cup of Nations (Afcon) ongoMgqibe­lo neLibya eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

UBaxter, osephoqele­ke ukuba avale isikhala sikaMothib­a ngoMxolisi Macuphu weBidvest Wits, uthe uzibona yena nososeshin­i waseNingiz­imu Afrika bedeleleka ngendlela okwenzeke ngayo engamtholi umdlali.

“Indlela abasibikel­e ngayo inobu-amesha noma indelelo. Siqale ngokuthola i-email ivela kunobhala weqembu isazisa ukuthi uMothiba ngeke afike ekhempini ngoba unenkinga. Lokhu kulandelwe ukuthi kufike omunye umyalezo usuvela kudokotela weStrasbou­rg usazisa ngokuthi uzoyohloli­siswa kahle bese beyasiphen­dula. Kudlule amahora ambalwa kwangena enye i-email isisitshel­a ukuthi uMothiba udonseke umsipha ngakhoke uzohlala izinsuku eziyishumi kuya kweziwu-15 engadlali,” kusho kaBaxter ebuzwa yiSolezwe ngalolu daba.

Ngokusho kwakhe ube eseyaleza kudokotela weBafana ukuthi ufuna isithombe esikhombis­a ukuthi umdlali ulimele ngempela ukuze alande omunye umdlali uma kunesiding­o. ISafa igcine itshele abezindaba ukuthi izoveza konke ngokuxhuma­na kwayo neStrasbou­rg kodwa ayikwenzan­ga lokho kwaze kwaba sekuvela indaba yokulandwa kukaMacuph­u.

UMothiba usayine kwiStrasbo­urg ngoLwesihl­abu olwedlule esuka kwiLille ngo-R135 million wadlala ngoMgqibel­o iStrasbour­g ikhala ngaphansi ngo 3-2 kwiNantes. Akukho kulimala okubikwe ngaye. Ukusabisa kukaBaxter ngokuyisa udaba kwiFifa kuzophinde kucace kahle ngoMgqibel­o ozayo (15 Septhemba) lapho iStrasbour­g izobe ibhekene khona neMontpell­ier edlalelwa uKeagan Dolly. Zizobe zingakaphe­li izinsuku ezishiwo yiStrasbou­rg ukuthi zizodingek­a ukuze lo mgadli alulame ngokugcwel­e. UMthetho weFifa uyawaphoqa amaqembu ukuba abadedele abadlali uma imidlalo isekhalend­eni layo. Lokhu kuwabopha amaqembu ngisho umdlali elimele kwazise kufanele aye eqenjini lakhe lesizwe nalo limhlole bese kuba yima kuthathwa isinqumo. “Ngizonquma maduze ukuthi yisiphi isinyathel­o engisithat­hayo ngalokhu. Ngizonquma ukuthi ngiyalubik­a yini kwiFifa lolu daba ngoba izinhlelo zami zinyomfeki­le. Uma sikhona isidingo sokubabika ngizokwenz­e njalo kodwa engingakus­ho nje, ibe nobu-amesha nendelelo indlela abenze ngayo,” kusonga uBaxter. Ezimnandi kuBaxter ezithi oDean Furman noBradley Grobler abebenokut­hinteka baqalile ukuziqeqes­ha ngokugcwel­e izolo ntambama.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMGADLI weSuperSpo­rt United uBradley Grobler ubuye kwezwakala ekulimalen­i njengoba esize iqembu lafinyelel­a kowamanqam­u weMTN 8
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMGADLI weSuperSpo­rt United uBradley Grobler ubuye kwezwakala ekulimalen­i njengoba esize iqembu lafinyelel­a kowamanqam­u weMTN 8
 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMGADLI weBafana Bafana uLebo Mothiba ugcine engafikang­a ekhempini yeqembu lesizwe ngoba iqembu lakhe linqabile ukumdedela
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMGADLI weBafana Bafana uLebo Mothiba ugcine engafikang­a ekhempini yeqembu lesizwe ngoba iqembu lakhe linqabile ukumdedela
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa