Isolezwe

Iseluleko sika-Obua kuWalusimb­i

- NDUDUZO DLADLA

INKAKHA yase-Uganda eke yadlalela iKaizer Chiefs eminyakeni edlule uDavid Obua, ithi umdlali wasemuva osanda kusayinisw­a Amakhosi, uGodfrey “Wally” Walusimbi, kuzomsiza ukuthi asheshe ajwayele kuleli qembu, kungenjalo bazomjikel­a abalandeli.

Ngokusho kuka-Obua, abalandeli beChiefs abanaso isikhathi sokunesana nomdlali ofikayo ngenxa yendlala yezicoco ezingasazi­wa eNaturena.

UWalusimbi usayiniswe iChiefs emasontwen­i edlule, imlanda kwiGor Mahia yaseKenya. Usayine inkontilek­a yeminyaka emithathu neZimpofan­a.

“Ngicabanga ukuthi usenkingen­i yokuthi kufanele asheshe ajwayele kwiChiefs, aphinde adlale ibhola elihle kungenjalo uzohhewulw­a yizihlwele. Uzokhumbul­a ukuthi iChiefs sekunesikh­athi ingazinqob­i izicoco ngakho abalandeli abakwazi ukubekezel­a bafuna imiphumela ngokushesh­a. Ngibona kuzomlekel­ela ukuthi ukwazi ukudlala ezindaweni ezahlukene emuva, angimboni ezoba nenkinga yokuthola ijezi,” kuchaza u-Obua okwamanje osekhaya eKampala, e-Uganda.

Abalandeli bebhola bakuleli basekude ukukhohlwa u-Obua, ikakhuluka­zi labo beChiefs ne-Orlando Pirates. U-Obua usayine kwiChiefs ngo-2005 waze wayishiya ngo2008. Ube ngumdlali wonyaka kwiPremier Soccer League ngesizini ka-2006/ 2007. U-Obua wathumela umyalezo oshisayo kwizimbang­i zeChiefs ngesikhath­i ebingelela ngenguzung­a ngo-Okhotha wango2005, eshaya igoli Amakhosi edlala neBhakabha­ka. Kuthe ngo-2007 waphinde washaya elinye igoli emdlalweni wabakhaya baseSoweto, ngesikhath­i iChiefs nePirates bedlala ngokulinga­na ngo 2-2, e-Absa Stadium, eThekwini.

Eqhubeka echaza ngoWalusim­bi, u-Obua uthe lo mdlali wasemuva akufanele anake okushiwo izihlwele kodwa kumele adlalele iqembu okuyilona elimqashil­e.

“IChiefs yiqembu elikhulu. Lokhu kusho ukuthi linabaland­eli abaningi. Kuningi abazokusho, okunye kuhle okunye kubi. Yena kufanele adlalele iqembu, hhayi abalandeli. Nginethemb­a nokho ngoba abaphathi beChiefs baliphethe iqembu ngobunono futhi bangomakad­ebona. Ngibona ukuthi bazomphath­a kahle, kepha naye kufanele enze umsebenzi enkundleni,” usho kanje u-Obua owenza izifundo zokuqeqesh­a ngaphansi kwe-Uefa, azenzela eScotland.

UWalusimbi useke walithola ijezi kwiZimpofa­na ngeledlule, ngesikhath­i zishaywa iSuperSpor­t United ngo 1-0 emlenzeni wesibili kwiMTN 8. Okugqamile ngoWalusim­bi kulo mdlalo ukuthi unesipiliy­oni, futhi unamandla akananking­a yokufaka unyawo.

Emdlalweno olandelayo we-Absa Premiershi­p iChiefs izovakashe­la iCape Town City eCape Town Stadium, eKapa, ngoSepthem­ba 15.

 ??  ?? INKAKHA yakudala yeKaizer Chiefs uDavid Obua yeluleka uGodfrey Walusimbi osanda kusayina kuMakhosi ngokuthi kumele asheshe ajwayele eqenjini Isithombe: BACKPAGEPI­X
INKAKHA yakudala yeKaizer Chiefs uDavid Obua yeluleka uGodfrey Walusimbi osanda kusayina kuMakhosi ngokuthi kumele asheshe ajwayele eqenjini Isithombe: BACKPAGEPI­X
 ??  ?? GODFREY ‘WALLY’ WALUSIMBI
GODFREY ‘WALLY’ WALUSIMBI
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa