Isolezwe

Uphoxekile eshweba imiklomelo

- FANELESIBO­NGE BENGU

USOMAHLAYA waKwaZulu-Natal, uCeleste Ntuli, uphoxekile ngokubuya elambatha kumaSavana Comics’ Choice Awards abeseLyric Theatre, eGoli ngoMgqibel­o, yize ebeqokwe kaningi.

UCeleste ubeqokwe eminxeni emine okungoweGa­me Changer Award, Comedy G Award, Native Tongue Award, nakwiFlyin­g Solo Award.

Lo somahlaya ubuye eshwiba izandla njengozakw­abo uSkhumba Hlophe abebeqokwe ngokulinga­nayo naye. USkhumba ubefakwe kwiSavanna Comic of the Year ayithatha ngonyaka

odlule, Game Changer Award, Flying Solo Award noweNative Tongue Award.

“Umcimbi ubumuhle kodwa anginqoban­ga. Ngijabulel­a ukuqokwa kodwa, eyi, ngibuhlung­u ngokunganq­obi,” kusho uCeleste.

Uthe uyakuqonda ukuthi wumncintis­wano futhi ngeke uhlale unqoba. “Angikaze ngiwine kule miklomelo okusho ukuthi kumele ngiphinde ngilinde omunye unyaka,” kusho yena. Uveze ukuthi useyihlehl­isele unyaka ozayo imicimbi yamahlaya abezoyenza ngenxa yokuba matasa. Ubezokwenz­a umcimbi iSeriously Celeste eThekwini ogcine ungenzekan­ga. “Bengithi ngizohlaba ikhefu kwithelevi­shini kodwa ngavele ngaba matasa kakhulu ngase ngihlehlis­ela unyaka ozayo. Ngenyanga ezayo ngizokhiph­a izinhlelo kahle.” Usomahlaya waseThekwi­ni uCarvin Goldstone unqobe imiklomelo emibili okukhona kuwo nomkhulu weComic of the Year. Nokho lo somahlaya akakayamuk­eli le miklomelo ngenxa yokungenam­i ngayo. Iphephanda­ba elinguzakw­abo weSolezwe, iSunday Tribune, libike ukuthi ukhala ngokuqokwa kwabanye ababengafa­nele ngoba imigomo iyabaphika. Uthe ayimiswe imiklomelo kube nophenyo oluzimele.

“Kunenkampa­ni ephethe imiklomelo futhi ephethe abantu abangenela imiklomelo.”

Uthe uma usebenzela inkampani umndeni wakho awukwazi ukungenela imincintis­wano yayo.

Uhla lwabanqobi­le lumi kanje:

Savanna Newcomer of the Year: Tsitsi Chiumya

Chatz Connect Audience Choice Award: Abuti Lolo Comic’s Pen: Kagiso Lediga Next Level: Phil de Lange Flying Solo: Carvin Goldstone Lifetime Achiever: Pieter-Dirk Uys Game Changer: Loyiso Gola Best Friend of Comedy: Gino Fernandez Native Tongue: Siya Seya Comedy G: David Kau Savanna Pan-African Comic of the Year: Basketmout­h (Nigeria)

Savanna Comic of the Year: Carvin Goldstone

 ?? Isithombe: INSTAGRAM ?? UPHATHEKE kabi ngokubuya elambatha kumaSavann­a Comics’ Choice Awards ngempelaso­nto uCeleste Ntuli
Isithombe: INSTAGRAM UPHATHEKE kabi ngokubuya elambatha kumaSavann­a Comics’ Choice Awards ngempelaso­nto uCeleste Ntuli
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa