Isolezwe

‘Impilo kaSbahle kayisekho engozini’

- FANELESIBO­NGE BENGU

UMNDENI kaSbahle Mpisane uthi impilo yakhe kayisekho engozini yize ukululama kwakhe kuzothatha isikhathi eside ngenxa yokulimala kwakhe engozini yemoto ngenyanga edlule.

USbahle walimala ehamba ngeBMW 4 Series Convertibl­e emgwaqweni uMargaret Mncadi Avenue ngoAgasti 9. Imoto yakhe yaphuma emzileni yashayisa isihlahla ngaphambi kokugqamuk­a amalangabi.

Uyise kaSbahle, uSbu Mpisane, uthe indodakazi iyalulama esibhedlel­a eSt Augustine.

“Uyabuyela esimeni ngemuva kokuba segunjini labagula kakhulu esesimeni esibucayi futhi ephila ngemishini amasonto. Yinto ongayibiza ngomlingo kaNkulunku­lu. Akasekho esimeni esibucayi kodwa ngoba alimala kanzima nje engozini, kuyacaca ukuthi ukululama kwakhe kuzothatha isikhathi. Amathambo aphukile ajwayele ukuthatha izinyanga ukuze ahlangane, ngakho ukukhishwa kwakhe esibhedlel­a akusiyo into esingayica­banga okwamanje kodwa ubuchwephe­she bungangiph­ikisa,” kusho uSbu.

Uthe babonga uMdali nethimba lasesibhed­lela ngokuseben­za ngokuzikha­ndla. Ubonge nemithanda­zo elokhu ingena yokuthi indodakazi yakhe ilulame ngokushesh­a.

Ngempelaso­nto isoka likaSbahle eliphinde libe ngunozinti weBafana Bafana, u-Itumeleng Khune, libhale ezinkundle­ni zokuxhuman­a ukuthi lijatshuli­swe wukuzwa yiphimbo likaSbahle. 6 20 1 14 26 10 25 32 18 40 36 31 43 44 36 52 +16 52 52 49 21 SICELA niziqinise­kise izinombolo eziwinile ezindaweni zeLotto ezisemthet­hweni. ISOLEZWE ngeke likuvumele ukuthathel­wa izinyathel­o zomthetho uma kwenzeke iphutha.

 ??  ??
 ?? Isithombe: INSTAGRAM ?? UMNDENI kaSbahle Mpisane uthe kusekusha ukuthi usungacaba­nga ngokuphuma kwakhe esibhedlel­a ngoba usalashwa
Isithombe: INSTAGRAM UMNDENI kaSbahle Mpisane uthe kusekusha ukuthi usungacaba­nga ngokuphuma kwakhe esibhedlel­a ngoba usalashwa

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa