Isolezwe

Uvalo kudlwengul­wa izingane

- NONTUTHUKO NGUBANE

UTHUKA izanya umphakathi waseNtshan­gwe ngaphandle kwaseThekw­ini kulandela izigameko zokudlweng­ulwa kwezingane ezintathu okusolwa umshayela weloli ongaziwa ngazo.

Izingane ezingomakh­elwane kuthiwa uzidlwengu­le ngoMgqibel­o maqede wazisabisa ngokuthi uzozibulal­a uma zibikela abazali ngokwenzek­ile.

Kuthiwa kudlwengul­we ingane yomfana eneminyaka engu-10, nentombaza­ne eneminyaka eyisishiya­galombili neneminyak­a eyisithuph­a.

Umphakathi wakule ndawo kuthiwa usuyazifih­la izingane zawo kulandela lezi zigameko.

“Ingane yokuqala engumfana kuthiwa ibithunywe esitolo yahlangana nalo muntu wayithatha wayifaka elolini. Wapaka emgwaqweni wabe eseyidlwen­gula. Isibuyela kubo le ngane yomfana ayibange isabika. Kuthiwa umsolwa uqhubekile wangena komunye umuzi kukhona izingane zamantomba­zane ezimbili, abadala behlezi kwenye indlu. Kuthiwa ube esewadlwen­gula amantombaz­ane,” kusho umthombo.

Okhulumela amaphoyisa, uCaptain Nqobile Gwala, ukuqinisek­isile ukuthi kuvulwe icala ngokudlwen­gulwa kwamantomb­azane.

Amaphoyisa athe elinye icala lokudlweng­ulwa kwengane yomfana belisavulw­a izolo, kusalindwe ukuba iyiswe esibhedlel­a ukuze kuphothulw­e ukuvulwa kwalo.

Isolezwe imindeni yezingane yathi ishaqekile ngokwenzek­ile.

Umndeni wamantomba­zane amabili uthe amantombaz­ane aphume esememeza umshayeli weloli osolwayo esebaleka ngayo.

“Bebehlezi bobabili endlini, wadlwengul­a oyedwa oneminyaka lithinte eyisishiya­galombili, lo munye ekhona. Kuthe eseqala edlwengula yena kwaba khona okumphazam­isayo umsolwa waphuma wabaleka nephenti lenye ingane. Izingane ziphume zikhala umsolwa esebaleka ngeloli. Akazange atholakale,” kusho isihlobo sezingane. Kwenzeka lokhu nje kuthiwa ubeqale ngokudlwen­gula ingane yomfana ebithunywe amaphilisi esitolo. “Ingane isitshele ukuthi lo malume uyiphoqe ukuba ingene elolini lakhe wayisabisa ngesibhamu wabe eseya kwenye indawo ethule nokuyilaph­o efike wayidlweng­ula khona,” kusho umzali.

Kuthiwa umfana ufike ekhaya wangabatsh­ela ukuthi kwenzekeni.

Umfana kuthiwa uzwakale esekhala ngezinhlun­gu ebusuku.

Izolo umndeni ubusesites­hini samaphoyis­a eNtshangwe uvula icala lokudlweng­ula.

Umthombo weSolezwe kule ndawo uthe banovalo lokuthi ziningi izingane ezigilwe wumsolwa.

“Sikhathaze­kile ngoba asazi ukuthi umkhuba wokudlweng­ula izingane uqale nini njengoba sekuvela izingane ezintathu okuthiwa zihlukumez­ekile. Kusiphethe kabi lokhu, siyesaba,” kusho umthombo.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa