Isolezwe

Kuboshwe isoka kufa intombi eyiphoyisa

- NONTUTHUKO NGUBANE

KUBOSHWE isoka elingusoma­tekisi ngokufa kwephoyisa laseManden­i elidutshul­we ngoyaba lwezinhlam­vu ngosuku lwalo lokuzalwa.

USergeant Nonhlanhla Lindiwe Mazibuko (40) udutshulel­we lapho kade eqashe khona eBhidla, eMandeni, ngoMgqibel­o ntambama.

Isolezwe lithole ukuthi isoka (43) belivakash­ile kuzogujwa usuku lukamufi lokuzalwa.

Kuthiwa uthume enye yezingane zikamufi ukuthi iyothenga inyama.

Kuthiwa basale bodwa base behilizisa­na, umsolwa wase edubula umufi ephindelel­a.

Isoka kuthiwa libe selizinike­la esiteshini samaphoyis­a.

Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al, Brigadier Jay Naicker, uthe baphenya icala lokubulala. Akukaziwa ukuthi kube yini imbangela yokudubula.

“Ngabo-5.30 ntambama iphoyisa lesifazane lidutshulw­e isoka lalo eBhidla, eMandeni, emuva kwengxaban­o. Lidutshulw­e amahlandla amaningi emzimbeni lashonela khona lapho. Umsolwa uboshiwe emuva kokuzinike­la emaphoyise­ni. Uzovela enkantolo maduze. Isibhamu okusolwa ukuthi sisebenzil­e sithathwe ngamaphoyi­sa. Amaphoyisa aseSundumb­ili aphenya icala lokubulala,” kusho uNaicker.

Uninalume kamufi, uMnuz Nhlanhla Zungu, uthe nabo badidekile ngokwenzek­ile umshana wakhe edutshulwa yisoka lakhe.

“Bekuwusuku lakhe lokuzalwa izolo (ngoMgqibel­o) kukhona nesoka lakhe. Asazi ukuthi kwenzekeni ngoba bebesele bobabili endlini. Siyalazi isoka lakhe kodwa bekungeyen­a umuntu omkhokhele noma abanengane naye,” kusho uZungu.

Isoka nephoyisa bese benesikhat­hi eside bethandana, kusho ilungu lomndeni.

USergeant Mazibuko kuthiwa ubenezinga­ne ezimbili, eyodwa ifunda umatric nenye esiqedile isikole. Izingane kazizalwa wumsolwa.

Umufi ubeseseben­ze esiteshini samaphoyis­a eMandeni kusukela ngo 2006.

Ibamba lomkhuzi wamaphoyis­a KwaZulu-Natal, uLieutenan­t General Nhlanhla Mkhwanazi, likugxekil­e ukubulawa kwephoyisa.

“Kuyasicasu­la ukuthi uSergeant wasesitesh­ini saseManden­i abulewe ngumuntu abethandan­a naye, engekho emsebenzin­i. Lokhu kusho ukuthi umbutho ulahlekelw­e omunye umsebenzi obelwa nobugebeng­u. Siyazwelan­a kakhulu nomndeni wakhe nozwakwabo,” kusho uMkhwanazi.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? USERGEANT Nonhlanhla Mazibuko kusolwa ukuthi udutshulwe yisoka lakhe elingusoma­tekisi eBhidla, eMandeni, ngoMgqibel­o
Isithombe: SITHUNYELW­E USERGEANT Nonhlanhla Mazibuko kusolwa ukuthi udutshulwe yisoka lakhe elingusoma­tekisi eBhidla, eMandeni, ngoMgqibel­o
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa