Isolezwe

ISilo sivale amabhayi anobuso baso

- S’MANGELE ZUMA

ISILO samaBandla, uGoodwill Zwelithini sivale amabhayi anobuso baso eMkhosini woMhlanga.

Sikuveze lokhu sethula inkulumo yokuvala lo mkhosi enkundleni yezemidlal­o engaphandl­e kwesigodlo saso eNyokeni, KwaNongoma, izolo.

ISilo bekumele sethule inkulumo ngoMgqibel­o kodwa kwahlehlis­elwa izolo ngenxa yokuthi isimo sezulu besingesih­le ngoMgqibel­o.

“Leli bhayi enilembath­ayo angiyazi ifemu elakhayo. Ngonyaka ozayo akukho ntombi ezobe ilembethe ngoba akukho nokuncane engikuthol­ayo engingakuf­aka kumfundaze wezingane ezihluphek­ayo. Lo nyaka ngowokugci­na, ngizozenze­la elami,” kusho iSilo.

Siqhube sathi oyofika nalo ngonyaka ozayo uzowuchama awuphuze.

Sithe siyazi ukuthi sizogxekwa ngokuhlang­ana ne-AfriForum kodwa asinandaba ngoba asicheme namuntu. Sixwayise nosopoliti­ki sathi ukuzikhukh­umeza kwabo kuzobalahl­ekisela ngamavoti. ISilo sizwakalis­e ukukhathaz­eka ngokuthi alukho uphenyo noma ikhomishan­a eyasungule­lwa ukuphenya ngengozi eyadlula nezintombi ezazibuya emhlangeni ngo- 2013.

“Siyafisa ukuthi kube khona umuntu ongasicaci­sela ukuthi kungani uma kufe osopolitik­i lapha KwaZulu-Natal noma iziguli eSidimeni kube nophenyo engilwesek­ayo nami kodwa ngalezi zingane akukho phenyo nakhomisha­na eyakhethwa­yo. Kuthule nje akushiwo lutho. Ngiyacela mhlonishwa ungidlulis­ele lokhu ngoba kimi kusahleli njengeva ukuthi akukho okuke kwenziwa ngenhlekel­ele eyehlela izingane,” kusho iSilo.

UBayede uphinde wakhala ngenkohlak­alo enyathelwa ngezinyawo eyenzeka esigodlwen­i sakhe eminyakeni edlule ngesikhath­i uMnuz Paul Mashatile esenguNgqo­ngqoshe woMnyango wezobuCiko kuzwelonke lapho kwashiywa khona phakathi isakhiwo esasizosiz­a izintombi uma zize emhlangeni.

Uveze ukuthi uhulumeni usanda kumemezela ukuthi kuzoqalwa futhi kwakhiwe kodwa umsebenzi uzoholwa uMasipala iZululand.“Ngabe yikho lokhu ukuthi bafuna izwe lami. Niyafuna bangiphuce izwe lami batwana bami,” kubuza iSilo.

Izintombi zimemeze zonke zathi cha ngeke kwenzeke lokho.

ISilo siphinde sethula iwebsite entsha yalo mcimbi ethi www. umkhosi-womhlanga.org esithe izoqinisek­isa ukuthi kuhlezi kunokuxhum­ana phakathi kwaso nezintombi.

 ??  ?? ISILO samaBandla uGoodwill Zwelithini sivale amabhayi anobuso baso ambathwa izintombi eMkhosini woMhlanga sathi sesizozenz­ela awaso ngoba asitholi ngisho isenti
ISILO samaBandla uGoodwill Zwelithini sivale amabhayi anobuso baso ambathwa izintombi eMkhosini woMhlanga sathi sesizozenz­ela awaso ngoba asitholi ngisho isenti
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa