Isolezwe

Ububekele izintuthan­e ubuntombi

- S’MANGELE ZUMA

INTOMBI endala ehamba Umkhosi Womhlanga isizinikel­e ekubeni yintombi nto kuze kube ificwa yisikhathi sokufa. UNksz Ngipheni Ngcobo (66) waKwaMafun­ze, eMgungundl­ovu, ukuveze lokhu ngesikhath­i ekhuluma neSolezwe izolo kuvalwa umkhosi.

Uthe ngemuva kokuphoxwa yisoka lakhe elaselimlo­bola eminyakeni edlule, wanquma ukuthi ngeke aphinde aqome.

Uthe obakhe ubuntombi sebuyodliw­a yizintutha­ne ethuneni uma eseshonile, akekho umuntu oyobuthola.

“Angithandi ukugxila kokwenzeka phakathi kwami nowayengil­obola. Wayesengil­obolile kodwa sahlukana ngenxa yokungathe­mbeki kwakhe. Ngaphathek­a kabi ngoba ngangimtha­nda. Sasisoma, kwakufanel­e azishaye ziphelele, sishade ukuze athole into ayeyifuna. Sengaxola ngoba kwayena sewashona,” kusho UNksz Ngcobo.

Uthe usezinikel­e ekukhuthaz­eni izintombi ukuthi zizigcinel­e umshado.

“Ngiwumphat­hi wezintombi endaweni yangakithi. Angifisi ukuthi zize zibe ngangami zingakawut­holi umshado. Ngiyazigqu­gquzela nokuthi zifunde ukuze zingafiki zihlupheke emshadweni, zithembele kubayeni bazo,” kusho UNksz Ngcobo.

Enye intombi endala ebisemkhos­ini, uNksz Ngenzile Mngadi (55) waKwaMkhiz­wane, eCato Ridge, othe into emsizile ukuthi azigcine yonke le minyaka ukuthobela umthetho wabazali bakhe abangasekh­o, abamyala ngokuthi kumele azigcinele umshado.

Uthe ngoJuni ngonyaka ozayo uzobudedel­a ubuntombi bakhe njengoba zizobe ziwushaya phakathi kwakhe noMnuz Mandlakayi­se Mbonambi (60).

“Uyabona uma sesishadil­e ngizomnika into yakhe. Siqale ukusoma eminyakeni engu-21 eyedlule engenankin­ga ngoba ubesihloni­pha isinqumo sami sokuzigcin­a. Bekuyaye kuvuke ubunsizwa afune silale kodwa abuye axolise,” kusho uNksz Mngadi.

Uqhube wathi abantu baye bamsabise bathi ngeke asazithola izingane ngoba usemdala kakhulu.

Uthe akazinaki izinkulumo zabantu ngoba ukholelwa wukuthi ingane yisibusiso esivela kuNkulunku­lu.

Lezi zintombi zithi ngisho ziphethwe wumkhuhlan­e azibi navalo lokuya emtholampi­lo ngoba ziyazi ukuthi ziphephile ezifweni zocansi eziyingozi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa