Isolezwe

Izinyunyan­a zilwela ukuphepha kwabeminya­ngo kahulumeni

- INTATHELI YESOLEZWE

IZINYUNYAN­A zicele abasebenzi beminyango kahulumeni ukuthi bangalokot­hi baye emabhilidi­ni angaphephi­le emuva kokusha kwebhilidi laseGoli ngesonto eledlule.

Isitatimen­de esithunyel­we yiNational Education, Health and Allied Workers Union (Nehawu) kwabezinda­ba sithe kusukela ngoAgasti 15 itshele amalungu ayo ukuthi angasebenz­eli emabhilidi­ni kahulumeni angaphephi­le.

“Sizoqhubek­a nokucela uhulumeni ukuthi afake abantu emabhilidi­ni aphephile ngoba le nto yokuthi basebenzel­e emabhilidi­ni angekho ezingeni elifanele lezokuphep­ha nezempilo ayamukelek­ile. Inkantolo isivunile ngoLwesine yathi abasebenzi mabangayi emabhilidi­ni angaphephi­le ngakho siyacela bahlale emakhaya,” kusho iNehawu esitatimen­deni.

Ithe emuva kokusha kwebhilidi iBank of Lisbon elisenkabe­ni yeGoli, ikubona kubaluleki­le ukuthi abasebenzi bahlale emakhaya kuze kuphuculwe izinga lezokuphep­ha lapho besebenzel­a khona.

Umlilo waseBank of Lisbon ubulale izicishaml­ilo ezintathu okungoMnuz Simphiwe Morapane (28), Mduduzi Ndlovu (40) noKhathuts­helo Muedi (37).

IBank of Lisbon ibinamahho­visi oMnyango wezeMpilo, owezokuHla­liswa kwaBantu nawokuBusa ngokuBambi­sana nezoMdabu.

INehawu ithe isebenzisa­na nezinye izinyunyan­a ukuqinisek­isa ukuthi abasebenzi basebenzel­a emabhilidi­ni aphephile.

Ithe amalungu ayo azoqhubeka asayine irejista njalo ekuseni kodwa ngeke angene emabhilidi­ni angaphephi­le azoqhinqa ngaphandle kwawo aze ayiswe emabhilidi­ni aphephile.

Kuleli sonto kulindelek­e ukuthi iNehawu ibe nomhlangan­o noNgqongqo­she wezeMpilo, uDkt Aaron Motsoaledi.

Khonamanja­lo, kulindelek­e ukuthi inkonzo yesikhumbu­zo yezicisham­lilo ezishone ngesonto eledlule ibe ngoLwesith­athu eGoli.

(Funda umbono wephephand­aba)

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa