Kusolwa abazali ngabakhulelwayo
“Izingane zifika esikoleni sezikhulelwe nokusho ukuthi ezisuke zikwenza, zikwenza zisemakhaya noma ezindaweni ezingaphandle kwesikole. Kuvame ukuthi kube nzima kithina ukuthi singabuza enganeni ukuthi ngubani uyise wengane noma kwenzeke kanjani ukuthi ikhulelwe,” kusho uMatakanye.
Uthe lolu daba lungalungiseka ngokuthi abazali bazibandakanye ezintweni ezithinta izingane zabo.
“Esesikunakile ukuthi abazali abasondelene nezingane. Abanye kabazilaleli izingane zabo. Kokunye abazibuzi nokuthi zifunde kanjani esikoleni. Asisabi bikho isikhathi sokuxoxa phakathi kwabazali nezingane nokuyinto edingekayo. Izingane ziyadinga ukuthi abazali bazo bazilalele ukuze zikwazi ukubatshela ngezinto ezenzeka empilweni yazo. Kufanele abazali basondelane nezikole okufunda kuzo izingane zabo ukuze bakwazi ukusizana nothisha,” kusho uMatakanye.
Uthe banohlelo abasaluqala lokusiza abazali ngokubachushisa ngendlela okufanele bakhulise ngayo izingane. Ukhale ngokuthi abanye abazali abazi ukuthi kufanele bazikhulise kanjani izingane zabo. Uthe bayaye babize imihlangano bakhulume nabazali nomphakathi ngezindaba ezibalulekile ezithinta ukukhuliswa kwezingane. Ukhale ngokuthi abazali abamnyama banomkhuba omubi wokungayihambi imihlangano – abanye baze bayise izingane zabo ezikoleni zabelungu ngoba bebona sengathi imfundo ingcono kuzona. Uthe abazali kufanele bazi ukuthi okwenza imfundo ibukeke ingcono kulezi zikole ukubambisana okuphakathi kwesikole nabazali.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo eyisiSekelo, uMnuz Elijah Mhlanga uvumelane nokushiwo nguMatakanye wathi ukukhulelwa kwezingane akwenzeki ezikoleni futhi kuqhubeka ngoba umphakathi uyakwamukela.
“Kuthinta izingane ezincane ezifundayo ngakho abazali kufanele babambe iqhaza. Ukuya kwabantu ocansini kwenzeka ezindaweni ezisekusithekeni, hhayi esikoleni. Ukukhulelwa kwezingane kwenzeka ngoba umphakathi uqhubeka nokwamukela isimo lapho amadoda amadala elala nezingane ezincane kungenziwa lutho kuwona,” kusho uMhlanga.
Ubuze ukuthi sesike sabakhona yini isikhalo uma kutholakala ukuthi umuntu omdala ukhulelise ingane encane?
Uthe izingane ezikhulelwayo zikhuleliswa ngontanga yabo nabantu abadala kunazo. UMhlanga uthe bengaziletha izinhlelo ezifana nohlelo oluzolethwa maduzane lokuhlinzekwa kwamakhondomu ezikoleni nokufundiswa kwazo kodwa okudingekayo ukuthi kukhuthazwe ukuthi abantu bashintshe indlela yokuziphatha. Uthe futhi kumele kuboshwe abantu abadlwengula izingane nokuthi abazali bazibandakanye empilweni yezingane nokuthi zifundiswe nangobungozi bocansi olungavikelekile.