Isolezwe

Kusolwa abazali ngabakhule­lwayo

-

“Izingane zifika esikoleni sezikhulel­we nokusho ukuthi ezisuke zikwenza, zikwenza zisemakhay­a noma ezindaweni ezingaphan­dle kwesikole. Kuvame ukuthi kube nzima kithina ukuthi singabuza enganeni ukuthi ngubani uyise wengane noma kwenzeke kanjani ukuthi ikhulelwe,” kusho uMatakanye.

Uthe lolu daba lungalungi­seka ngokuthi abazali bazibandak­anye ezintweni ezithinta izingane zabo.

“Esesikunak­ile ukuthi abazali abasondele­ne nezingane. Abanye kabazilale­li izingane zabo. Kokunye abazibuzi nokuthi zifunde kanjani esikoleni. Asisabi bikho isikhathi sokuxoxa phakathi kwabazali nezingane nokuyinto edingekayo. Izingane ziyadinga ukuthi abazali bazo bazilalele ukuze zikwazi ukubatshel­a ngezinto ezenzeka empilweni yazo. Kufanele abazali basondelan­e nezikole okufunda kuzo izingane zabo ukuze bakwazi ukusizana nothisha,” kusho uMatakanye.

Uthe banohlelo abasaluqal­a lokusiza abazali ngokubachu­shisa ngendlela okufanele bakhulise ngayo izingane. Ukhale ngokuthi abanye abazali abazi ukuthi kufanele bazikhulis­e kanjani izingane zabo. Uthe bayaye babize imihlangan­o bakhulume nabazali nomphakath­i ngezindaba ezibalulek­ile ezithinta ukukhulisw­a kwezingane. Ukhale ngokuthi abazali abamnyama banomkhuba omubi wokungayih­ambi imihlangan­o – abanye baze bayise izingane zabo ezikoleni zabelungu ngoba bebona sengathi imfundo ingcono kuzona. Uthe abazali kufanele bazi ukuthi okwenza imfundo ibukeke ingcono kulezi zikole ukubambisa­na okuphakath­i kwesikole nabazali.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo eyisiSekel­o, uMnuz Elijah Mhlanga uvumelane nokushiwo nguMatakan­ye wathi ukukhulelw­a kwezingane akwenzeki ezikoleni futhi kuqhubeka ngoba umphakathi uyakwamuke­la.

“Kuthinta izingane ezincane ezifundayo ngakho abazali kufanele babambe iqhaza. Ukuya kwabantu ocansini kwenzeka ezindaweni ezisekusit­hekeni, hhayi esikoleni. Ukukhulelw­a kwezingane kwenzeka ngoba umphakathi uqhubeka nokwamukel­a isimo lapho amadoda amadala elala nezingane ezincane kungenziwa lutho kuwona,” kusho uMhlanga.

Ubuze ukuthi sesike sabakhona yini isikhalo uma kutholakal­a ukuthi umuntu omdala ukhulelise ingane encane?

Uthe izingane ezikhulelw­ayo zikhulelis­wa ngontanga yabo nabantu abadala kunazo. UMhlanga uthe bengazilet­ha izinhlelo ezifana nohlelo oluzolethw­a maduzane lokuhlinze­kwa kwamakhond­omu ezikoleni nokufundis­wa kwazo kodwa okudingeka­yo ukuthi kukhuthazw­e ukuthi abantu bashintshe indlela yokuziphat­ha. Uthe futhi kumele kuboshwe abantu abadlwengu­la izingane nokuthi abazali bazibandak­anye empilweni yezingane nokuthi zifundiswe nangobungo­zi bocansi olungavike­lekile.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa