Isolezwe

ISikebhe sifuna ukulekelel­a amaphoyisa kwelokufa kwenyanga

- INTATHELI YESOLEZWE

INDABA yokubulawa kwenyanga yaseMphond­i, eNquthu, isingenelw­e yiSikebhe esithembis­a ukulekelel­a amaphoyisa ukuze kubanjwe ababulali.

Lokhu kuvele ngesikhath­i kunenkonzo yomngcwabo kaMnuz Senzo Mncube ngoMgqibel­o.

UMncube uhlaselwe kubo esendlini abelele kuyo nesiguli sakhe. Izigebengu zifike zamgwaza, zamnquma uqhoqhoqho zase zimshisa nendlu.

Abahlaseli kuthiwa badlwengul­e isiguli (20) bashintsha­na ngaso.

USihlalo weSikebhe, UMnuz Joe Masiteng, uthe bafuna ukwenza isiqinisek­o sokuthi ababulali bayabanjwa bajeze.

“Sithukuthe­le kakhulu ngesihluku sokubulawa kwalo mfana, yingakho siyinhlang­ano iSikebhe sizimisele ukungenele­la sithungath­e ababulali,” kusho uMasiteng.

Isimo sishubile endaweni emuva kokuxoshwa kukamakhel­wane osolwa ngokuthint­eka ekufeni kukaMncube.

Kuthiwa umakhelwan­e ubezolekel­ela kuthuthwa amatshe abezofakwa ethuneni kodwa waxoshwa yizinsizwa zomndeni ngoba zimsola ukuthi uyathintek­a ekufeni kukaMncube.

Uyisemkhul­u kaMncube, uMnuz Meshack Shabangu, ucele ukuba umndeni wehlise umoya wathi bayakuqond­a ubuhlungu ababuzwayo.

Isidumbu sikaMncube singcwatsh­we singaphele­le. Ikhanda kuthiwa beliwuhhaf­u, imilenze nezingalo kwasha kwangqongq­a.

Abaseshi bathe izinsolo ezikhona ziphazamis­a uphenyo lwabo. “Kuningi esesikuzwi­le okushiwoyo. Okunye wukuthi bafuna intombazan­e eyayinomuf­i. Lokho kuyingozi ngoba kuzolimaza uphenyo,” kusho iphoyisa elingaguny­aziwe ukukhuluma nabezindab­a.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, uthe akukaboshw­a muntu kodwa uphenyo luyaqhubek­a.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa