Kuqiniswe ezokuphepha eMooi Mpofana
ZIQINISIWE ezokuphepha emahhovisi kaMasipala iMooi Mpofana ngemuva kwezigameko zakamuva zokumasha kwamalungu omphakathi nomakadebona bamasosha oMkhonto Wesizwe befuna iMeya kamasipala, uMnuz Xolani Duma, ukuthi aphume esikhundleni.
Ithimba leSolezwe ngoLwesihlanu lihambele kulo masipala ngenhloso yokuyohlola isimo nokukhuluma noDuma kulandela imibhikisho yakamuva.
Isolezwe lilamele unogada ebecuthe eceleni kwesihlahla obehlome ngenhlokohlela yesibhamu.
Kungakapheli sikhathi esingakanani kube sekufika amaphoyisa ophiko olulwa nothuthuva emphakathini ezobheka ukuthi akukho yini okwenzekayo kulandela ukushuba okubekhona ngesonto eledlule.
“Kugadwe kakhulu lapha ngemuva kokuthi amasosha eMK efike lapha kwamasipala ezosabisa izikhulu zikamasipala nemeya,” kusho umsebenzi kamasipala ongathandanga negama lakhe.
Uthe uDuma uze wavula icala ngemuva kokusatshiswa okuholele ekutheni kuboshwe amalungu amathathu eMK.
UDuma unqabile ukukhuluma neSolezwe wathi uMnyango wokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal usumyalele ukuthi angabe esakhuluma nabezindaba.
UDuma uthwele kanzima kulezi zinsuku njengoba ebhikishelwa mihla namalanga yizinhlaka ezahlukene emphakathini ezithi zimfuna ephumile esikhundleni zimsola ngezinto eziningi kubalwa nenkohlakalo.
Umsindo okhona kulo masipala usuze waphoqa ukuthi kungenelele ubuholi besifundazwe ukuze kutholakale isisombululo.
Ubuholi besifundazwe obebuholwa ngumkhulumeli we-ANC KwaZulu-Natal uNkk Nomagugu Simelane-Zulu ngeledlule buhambele kule ndawo buyothatha uhlu lwezikhalo zomphakathi bathembisa ukuthi buzobuyisa impendulo kuleli sonto. Yize kukhona abathi akahambe uDuma kodwa abantu abayi ndawonye bengemanzi njengoba bekhona abathi uyasukelwa ngabantu abafuna ukufeza izinhloso THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwenews) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. zabo.
Omunye wabantu abahambisana noDuma, uMnuz Mawande Sishi, uthe laba bantu ababhikishayo abanalo iqiniso ngoba bacabangela izisu zabo.
“Uma ubheka le genge ebhikishayo njengamasosha eMK ilwa ngoba ikhala ngokuthi kukhona eyathenjiswa kona okungasenzeki,” kusho uSishi.
Uthe bayazi futhi ukuthi kukhona abakwikhokhasi ye-ANC abagovuza umphakathi ukuze uvukele imeya.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, ukuqinisekisile ukuthi bakhona abasolwa abathathu ababoshiwe iminyaka yabo ephakathi kuka-45 no-47.
Uthe laba basolwa bazovela eNkantolo yeMantshi yaseMooi River namhlanje mayelana namacala okusabisa.
Amalungu eMK ayesenkantolo ngoLwesihlanu eze ecaleni lozakwabo anqaba ukukhuluma nabezindaba.
UNobhala weMKMVA eMoses Mabhida, uMnuz Menzi Mkhize, uthe bengamasosha nabo banezidingo ezifana nawo wonke umuntu wakuleli abafuna ukubhekelelwa kuzona.
“Sifuna ukunikwa amathuba emisebenzi, amabhizinisi, sihlomule nasezinhlelweni zokwakhiwa kwezindlu, kunemithetho ethi kumele sihlomule kodwa iziphathimandla zomasipala zingogombela kwesabo azifuni sisizakale uma zibona thina zibona osikhotheni,” kusho uMkhize.
Uthe bazolwa baze bagcine belalelwe yiziphathimandla zemikhandlu.