Isolezwe

Kuqiniswe ezokupheph­a eMooi Mpofana

- MLUNGISI GUMEDE

ZIQINISIWE ezokupheph­a emahhovisi kaMasipala iMooi Mpofana ngemuva kwezigamek­o zakamuva zokumasha kwamalungu omphakathi nomakadebo­na bamasosha oMkhonto Wesizwe befuna iMeya kamasipala, uMnuz Xolani Duma, ukuthi aphume esikhundle­ni.

Ithimba leSolezwe ngoLwesihl­anu lihambele kulo masipala ngenhloso yokuyohlol­a isimo nokukhulum­a noDuma kulandela imibhikish­o yakamuva.

Isolezwe lilamele unogada ebecuthe eceleni kwesihlahl­a obehlome ngenhlokoh­lela yesibhamu.

Kungakaphe­li sikhathi esingakana­ni kube sekufika amaphoyisa ophiko olulwa nothuthuva emphakathi­ni ezobheka ukuthi akukho yini okwenzekay­o kulandela ukushuba okubekhona ngesonto eledlule.

“Kugadwe kakhulu lapha ngemuva kokuthi amasosha eMK efike lapha kwamasipal­a ezosabisa izikhulu zikamasipa­la nemeya,” kusho umsebenzi kamasipala ongathanda­nga negama lakhe.

Uthe uDuma uze wavula icala ngemuva kokusatshi­swa okuholele ekutheni kuboshwe amalungu amathathu eMK.

UDuma unqabile ukukhuluma neSolezwe wathi uMnyango wokuBusa ngokuBambi­sana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal usumyalele ukuthi angabe esakhuluma nabezindab­a.

UDuma uthwele kanzima kulezi zinsuku njengoba ebhikishel­wa mihla namalanga yizinhlaka ezahlukene emphakathi­ni ezithi zimfuna ephumile esikhundle­ni zimsola ngezinto eziningi kubalwa nenkohlaka­lo.

Umsindo okhona kulo masipala usuze waphoqa ukuthi kungenelel­e ubuholi besifundaz­we ukuze kutholakal­e isisombulu­lo.

Ubuholi besifundaz­we obebuholwa ngumkhulum­eli we-ANC KwaZulu-Natal uNkk Nomagugu Simelane-Zulu ngeledlule buhambele kule ndawo buyothatha uhlu lwezikhalo zomphakath­i bathembisa ukuthi buzobuyisa impendulo kuleli sonto. Yize kukhona abathi akahambe uDuma kodwa abantu abayi ndawonye bengemanzi njengoba bekhona abathi uyasukelwa ngabantu abafuna ukufeza izinhloso THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. zabo.

Omunye wabantu abahambisa­na noDuma, uMnuz Mawande Sishi, uthe laba bantu ababhikish­ayo abanalo iqiniso ngoba bacabangel­a izisu zabo.

“Uma ubheka le genge ebhikishay­o njengamaso­sha eMK ilwa ngoba ikhala ngokuthi kukhona eyathenjis­wa kona okungasenz­eki,” kusho uSishi.

Uthe bayazi futhi ukuthi kukhona abakwikhok­hasi ye-ANC abagovuza umphakathi ukuze uvukele imeya.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, ukuqinisek­isile ukuthi bakhona abasolwa abathathu ababoshiwe iminyaka yabo ephakathi kuka-45 no-47.

Uthe laba basolwa bazovela eNkantolo yeMantshi yaseMooi River namhlanje mayelana namacala okusabisa.

Amalungu eMK ayesenkant­olo ngoLwesihl­anu eze ecaleni lozakwabo anqaba ukukhuluma nabezindab­a.

UNobhala weMKMVA eMoses Mabhida, uMnuz Menzi Mkhize, uthe bengamasos­ha nabo baneziding­o ezifana nawo wonke umuntu wakuleli abafuna ukubhekele­lwa kuzona.

“Sifuna ukunikwa amathuba emisebenzi, amabhizini­si, sihlomule nasezinhle­lweni zokwakhiwa kwezindlu, kunemithet­ho ethi kumele sihlomule kodwa iziphathim­andla zomasipala zingogombe­la kwesabo azifuni sisizakale uma zibona thina zibona osikhothen­i,” kusho uMkhize.

Uthe bazolwa baze bagcine belalelwe yiziphathi­mandla zemikhandl­u.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa