Awusineki umkhandlu olawula othisha
BANGASE babe senkingeni othisha abalahlwa amacala njengoba umkhandlu olawula othisha, iSouth African Council for Educators (Sace), ubhunga eyokuthi kubhekwe bonke othisha ababalelwa ku-450 000 ukuthi abanawo yini amacala.
Umkhandlu uthe okwenzayo ukuvikela abafundi akuyona inhloso yawo ukujezisa othisha.
Ngonyaka ozayo othisha abasha abafuna ukubhaliswa kulo mkhandlu kuzodingeka balethe ubufakazi bamaphoyisa obuveza konke okuthinta amacala abake babhekana nawo.
Okhulumela umkhandlu, uMnuz Themba Ndhlovu, uthe asikho isinqumo esisathathiwe ngokuthi othisha abafundisayo manje kuhlolwe ukuthi abanawo yini amacala noma abakaze yini balahlwe amacala phambilini.
Uthe basakuxoxa lokho wathi kodwa abasha kumele beze nobufakazi bamaphoyisa.
“Sifuna incwadi yamaphoyisa ezosho konke ngomuntu ofuna ukuba uthisha. Abavele besebenza asikho isinqumo esithathiwe ngokuthi nabo balethe incwadi yamaphoyisa,” kusho uNdhlovu.
Uthe bayazi ngokugxekwa abakutholayo wathi akuyona inhloso yabo ukushushisa othisha.
“Thina sivikela abafundi. Sifuna ukuthi umuntu eze nencwadi yamaphoyisa ngoba asifuni uthisha oke walahlwa yicala lokudlwengula afundise izingane zethu. Lapha sikhuluma ngezingane ezincane ezidinga ukuvikelwa,” kusho uNdhlovu.
Uthe namaqembu ezepolitiki, ikakhulukazi iDA, ahleli phezu kwabo afuna kuhlolwe wonke amacala othisha abake bawenza.
Uqhube wathi minyaka yonke bakhipha inqwaba yothisha ohlwini lwabasuke bephambene nemigomo.
“Siyabakhipha ohlwini lokufundisa ngenxa yamacala ehlukene. Uma sesikukhiphile awube usakwazi ukufundisa,” kusho uNdhlovu.
Uthe ukhona uthisha abamkhipha ohlwini lokufundisa KwaZulu-Natal wavumbuka kwesinye isifundazwe.
“Lo thisha sambamba eMpumalanga esekokotele incwadi yethu ethi simxolelile ngecala ayelenzile kanti wayenamanga. Sabatshela ukuthi lowo thisha samkhipha ohlwini waxoshwa. Ngiyabaxwayisa othisha ukuthi bangakokoteli izincwadi zethu noma bacabange ukuthi uma sibasusile ohlwini bangavumbuka kwezinye izifundazwe ngoba siyakubamba,” kusho uNdhlovu.