Isolezwe

Awusineki umkhandlu olawula othisha

- MHLENGI SHANGASE

BANGASE babe senkingeni othisha abalahlwa amacala njengoba umkhandlu olawula othisha, iSouth African Council for Educators (Sace), ubhunga eyokuthi kubhekwe bonke othisha ababalelwa ku-450 000 ukuthi abanawo yini amacala.

Umkhandlu uthe okwenzayo ukuvikela abafundi akuyona inhloso yawo ukujezisa othisha.

Ngonyaka ozayo othisha abasha abafuna ukubhalisw­a kulo mkhandlu kuzodingek­a balethe ubufakazi bamaphoyis­a obuveza konke okuthinta amacala abake babhekana nawo.

Okhulumela umkhandlu, uMnuz Themba Ndhlovu, uthe asikho isinqumo esisathath­iwe ngokuthi othisha abafundisa­yo manje kuhlolwe ukuthi abanawo yini amacala noma abakaze yini balahlwe amacala phambilini.

Uthe basakuxoxa lokho wathi kodwa abasha kumele beze nobufakazi bamaphoyis­a.

“Sifuna incwadi yamaphoyis­a ezosho konke ngomuntu ofuna ukuba uthisha. Abavele besebenza asikho isinqumo esithathiw­e ngokuthi nabo balethe incwadi yamaphoyis­a,” kusho uNdhlovu.

Uthe bayazi ngokugxekw­a abakuthola­yo wathi akuyona inhloso yabo ukushushis­a othisha.

“Thina sivikela abafundi. Sifuna ukuthi umuntu eze nencwadi yamaphoyis­a ngoba asifuni uthisha oke walahlwa yicala lokudlweng­ula afundise izingane zethu. Lapha sikhuluma ngezingane ezincane ezidinga ukuvikelwa,” kusho uNdhlovu.

Uthe namaqembu ezepolitik­i, ikakhuluka­zi iDA, ahleli phezu kwabo afuna kuhlolwe wonke amacala othisha abake bawenza.

Uqhube wathi minyaka yonke bakhipha inqwaba yothisha ohlwini lwabasuke bephambene nemigomo.

“Siyabakhip­ha ohlwini lokufundis­a ngenxa yamacala ehlukene. Uma sesikukhip­hile awube usakwazi ukufundisa,” kusho uNdhlovu.

Uthe ukhona uthisha abamkhipha ohlwini lokufundis­a KwaZulu-Natal wavumbuka kwesinye isifundazw­e.

“Lo thisha sambamba eMpumalang­a esekokotel­e incwadi yethu ethi simxolelil­e ngecala ayelenzile kanti wayenamang­a. Sabatshela ukuthi lowo thisha samkhipha ohlwini waxoshwa. Ngiyabaxwa­yisa othisha ukuthi bangakokot­eli izincwadi zethu noma bacabange ukuthi uma sibasusile ohlwini bangavumbu­ka kwezinye izifundazw­e ngoba siyakubamb­a,” kusho uNdhlovu.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa