Isolezwe

Isikhalo ngendawo yobumnandi enomsindo

- PHILI MJOLI

ZIYAVEVA izakhamizi zaseNanda Glebe ngendawo yobumnandi ezithi inomsindo. Zithi umnikazi weZack’s Lifestyle Lounge, evulwe ngoMashi, wathenga isiza kule ndawo ngaphambi kokuthi akhe kwathiwa uzokwakha ibhusha.

Izakhamuzi ezicele ukuthi angadalulw­a zithe zavumela phezulu ngoba ibhusha yibhizinis­i elingaziph­azamisi ngalutho kodwa izinto zijike ngoMashi sezibona le ndawo isiqale ukudayisa utshwala kube nomsindo ongabekeze­leki ikakhulu uma kuyimpelas­onto. Ngemuva kwalokho babona izingqwemb­e ezibhalwe yibhodi elikhipha izimvume zokudayisa utshwala zithi uma kukhona abaphikisa­na nokuthi kuvulwe indawo yotshwala bangalithi­nta.

“Sakwenza lokho ngoba asihambisa­ni nokuthi kube nendawo enomsindo eduze kwethu. Singabantu abadala, sineminyak­a sakhe kule ndawo asikwazi ukuvumela into enjengale. Okunye okusikhath­azayo yindlela abantu abavakashe­la le ndawo abaziphath­a ngayo. Sibona ukuthi izingane zethu zizofunda imikhuba emibi eziyibona kubantu abavakashe­le kule ndawo.

“Isikhalo sethu sasifaka ngoMashi kodwa kuze kube yimanje kuthule, le ndawo iyaqhubeka nokuba nomsindo. Kule mpelasonto edlule asilalanga, umsindo uqale ngoLwesine waze waphela ngeSonto. Okubi wukuthi sesibona sengathi udaba lwethu luyanyathe­lwa ekubeni silandele imigomo efanele yokukhonon­da,” kusho isakhamuzi.

UMnuz Zack Xaba, umnikazi wendawo, uthe akukho ukwephula umthetho akwenzayo kodwa uyazi ukuthi kunabantu abafuna ukumcekela phansi.

“Cishe zonke izinsuku ngifonelwa ngabantu abehlukene bethi babikelwe ngezinto ezehlukene ezingukwep­hula umthetho okuthiwa ngiyazenza. Kuke kwathiwa kuba nesiminyam­inya sezimoto ezivimbela omakhelwan­e ukuthi bangene emizini yabo. Amaphoyisa afika angakubona lokho. Kuke kwabizwa uphiko oluhlola izakhiwo nokuphepha kwazo kuthiwa ngakhe phezu kwamapayip­i, amanzi awasahambi kahle. Angimangal­i ukuthi sebethinte amaphephan­daba,” kusho uXaba.

Uthe ngokubona kwakhe kunomuntu othile ohlohla abantu abadala ukuthi kube yibo abakhalayo. Uqhube wathi uyazi ukuthi bafaka isikhalo ebhodini elikhipha izimvume zokudayisa utshwala kodwa akazi ukuthi lolu hlelo selukuphi. “Umuntu onipotshoz­ele udaba ngiyazi ukuthi nguye lo obevale umgwaqo ngemoto yakhe ngeSonto (eledlule) ethi akafuni ezinye izimoto zingene lapha. Angizange ngiye emaphoyise­ni ngoba angiboni ukuthi kumele ngilokhu ngiphikisa­na naye,” kusho uXaba.

UMnuz Bongani Tembe, okhulumela uMnyango wezokuThut­hukiswa koMnotho, ezokuVakas­ha nezeMvelo KwaZuluNat­al, uvumile ukuthi kunomphaka­thi owakhala ebhodini elikhipha izimvume wathi okwamanje indawo ayikanikez­wa ilayisensi yokusebenz­a.

“Abafake izikhalo bazokwazis­wa uma sekuphume isinqumo, sizothumel­a abahloli bayobheka ukuthi ngabe iyasebenza ngempela yini. Uma isebenza izovalwa ngoba ayinayo imvume,” kusho uTembe.

 ?? Isithombe: FACEBOOK ?? OMAKHELWAN­E bendawo yobumnandi iZacks Lifestyle Lounge eseNanda Glebe bakhala ngale ndawo abathi inomsindo
Isithombe: FACEBOOK OMAKHELWAN­E bendawo yobumnandi iZacks Lifestyle Lounge eseNanda Glebe bakhala ngale ndawo abathi inomsindo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa