Umtholampilo osuyilungele iNHI
ISIKHUNGO sezempilo saseMgungundlovu esisohlelweni lokuthi sizwe amanzi ngobhoko ukuthi ngabe umshwalense wezempilo, iNational Health Insurance (NHI), uzosebenza yini, sesikulungele ukuthi lolu hlelo luqalwe ngokusemthethweni.
Lokhu kushiwo yiPhini likaNgqongqoshe woMnyango obhekele abasebenzi bakahulumeni, iPublic Service and Administration, uDkt Chana Pilane-Majake ngesikhathi evakashele eMbalenhle Clinic, ngoLwesihlanu, okuhambisana nohlelo lwalo mnyango lokuvakashela izikhungo zikahulumeni ngenhloso yokuhlola ukuthi ngabe zenza lokho okumele zikwenze okungukunikeza umphakathi izidingo njengoba kuyinyanga yokukhuthaza abasebenzi bakahulumeni ukuthi basebenze ngokuzimisela.
UDkt Pilane-Majake, obephelezelwa uNgqongqoshe wezeMpilo kulesi sifundazwe, uDkt Sibongiseni Dhlomo ngesikhathi ekulo mtholampilo, uthe ngokubona kwakhe izinto eziningi esezenziwe emtholampilo ezihambisana neNHI zikhombisa ukuthi isikhungo sesikulungele ukuqalwa kohlelo.
“Umsebenzi wezikhungo zikahulumeni wukunikeza umphakathi izidingo ngendlela engawehlisi isithunzi. Ziningi izikhungo zethu ezingakwenzi lokho ngendlela efanele kodwa kulesi ngibone okwehlukile. Konke kuhamba ngendlela eyiyo. Kunikeza ithemba lokuthi uma sekungene iNHI sizosebenza ngokusezingeni,” kusho uDkt Pilane-Majake.
Uqhube wathi ngokubona kwakhe uma kungasetshenziswa ezobuchwepheshe ezihlanganisa zonke izikhungo zezempilo kungaphela ukuthi iziguli zisebenzise izikhungo eziningi okugcina kuholele ekutheni zithole imithi ephindaphindekile.
“Isiguli esisodwa asinqeni ukuya kwesinye isikhungo sezempilo, emuva kwezinsukwana sishintshe siye kwesinye, singasho ukuthi bese sike saya kwesinye, sinikwe imithi efanayo. Lokho kuphazamisa ukusebenza kwalo mnyango, ikakhulukazi ngasohlangothini lwezimali,” kusho yena.
Uthe ngokubona kwakhe iNHI uma isiqalile izosiza ekutheni abantu abaningi bakuleli abangakwazi ukuthola ezempilo ezisezingeni eliphezulu bahlomule.
“Okumele sikugade kakhulu wukuthi abasebenzi bakahulumeni benza umsebenzi wabo ngendlela eyiyo, silwe nenkohlakalo. Umphakathi nawo kumele ubambe iqhaza ekulweni nenkohlakalo uma sifuna ukuthi iphele. Uma umphakathi ungayeka ukukhokhela abasebenzi bethu uma ufuna ukusizakala, inkohlakalo ingaphela. Esikhathini esiningi umphakathi usuke wazi konke okwenzeka kuleso sikhungo kodwa ungakhulumi,” kusho yena.