Kwethulwe amaphoyisa azobhekana nobugebengu
UMASIPALA weTheku wethule amaphoyisa awo angu-200 azophakwa ukubhekana nobugebengu ezindaweni eziwakhele ikakhulukazi njengoba kubhekwe emaholidini kaKhisimusi. Kula maphoyisa kukhona awesilisa nawesifazane asanda kuphuma ekuthwaseleni lo msebenzi ethulwe yiMeya uNkk Zandile Gumede ngoMgqibelo ekuseni. Imeya isebenzise uhambo lukaMengameli Cyril Ramaphosa i#ThumaMina, ebiKwaMashu ngoMgqibelo, ukwethula amaphoyisa. Lolu hambo lusuke enkundleni iPrincess Magogo lwayophelela enxanxatheleni yezitolo eBrigde City lapho kufike kwamenyezelwa khona amaphoyisa. Imeya ithe amaphoyisa anenhlanhla ngoba ethulwe kukhona umengameli.
‘’Niyikilasi elisenhlanhleni ngoba niqondane nomengameli. Uze lapha ukuzogqugquzela ukusebenzela abantu ngokuzinikela,’’ kusho iMeya.
URamaphosa akachithanga sikhathi wabajova ngomjovo weziyalo ebatshela ukuthi bathwele amathemba edolobha iTheku emahlombe abo
“Asifuni-ke ukuzwa kuthiwa amaphoyisa asephenduke aba yizigebengu wona qobo lwawo futhi. Ngiyanihalalisela ngiyajabula ukubona umsebenzi owenziwa eThekwini. Abantu baseThekwini kufanele bazizwe bephephile ngezikhathi zonke. Sebenzani ngokuzinikela,’’ kusho uRamaphosa.
Amaphoyisa abengenandaba nemvula ebihambisana nokuduma namakhaza, eviliyela kwachazeka abebethamele umcimbi. Ukuviliyela kwawo bekuwuphawu lokukhombisa ukuthi asemi ngomumo ukusebenza ezimeni ezinzima ukuvikela abantu.
Kuphuma la maphoyisa nje bekusanda kuqubuka umsindo umasipala usolwa ngokuba namabatha endleleni okuqashwa ngayo abazoqeqeshelwa umsebenzi. Kuke kwaba nezinsolo ezibucayi ezithi kungenwa ngokwazana nokugwazisa uma kuhlungwa.
Umasipala ukuchithile lokho wathi konke okwenziwayo kwenziwa kulandelwa imithetho yokuqasha kuqinisekiswe ukuthi kukhethwa abafanele.