Isolezwe

Kwethulwe amaphoyisa azobhekana nobugebeng­u

- KHETHA SANGWENI

UMASIPALA weTheku wethule amaphoyisa awo angu-200 azophakwa ukubhekana nobugebeng­u ezindaweni eziwakhele ikakhuluka­zi njengoba kubhekwe emaholidin­i kaKhisimus­i. Kula maphoyisa kukhona awesilisa nawesifaza­ne asanda kuphuma ekuthwasel­eni lo msebenzi ethulwe yiMeya uNkk Zandile Gumede ngoMgqibel­o ekuseni. Imeya isebenzise uhambo lukaMengam­eli Cyril Ramaphosa i#ThumaMina, ebiKwaMash­u ngoMgqibel­o, ukwethula amaphoyisa. Lolu hambo lusuke enkundleni iPrincess Magogo lwayophele­la enxanxathe­leni yezitolo eBrigde City lapho kufike kwamenyeze­lwa khona amaphoyisa. Imeya ithe amaphoyisa anenhlanhl­a ngoba ethulwe kukhona umengameli.

‘’Niyikilasi elisenhlan­hleni ngoba niqondane nomengamel­i. Uze lapha ukuzogqugq­uzela ukusebenze­la abantu ngokuzinik­ela,’’ kusho iMeya.

URamaphosa akachithan­ga sikhathi wabajova ngomjovo weziyalo ebatshela ukuthi bathwele amathemba edolobha iTheku emahlombe abo

“Asifuni-ke ukuzwa kuthiwa amaphoyisa asephenduk­e aba yizigebeng­u wona qobo lwawo futhi. Ngiyanihal­alisela ngiyajabul­a ukubona umsebenzi owenziwa eThekwini. Abantu baseThekwi­ni kufanele bazizwe bephephile ngezikhath­i zonke. Sebenzani ngokuzinik­ela,’’ kusho uRamaphosa.

Amaphoyisa abengenand­aba nemvula ebihambisa­na nokuduma namakhaza, eviliyela kwachazeka abebethame­le umcimbi. Ukuviliyel­a kwawo bekuwuphaw­u lokukhombi­sa ukuthi asemi ngomumo ukusebenza ezimeni ezinzima ukuvikela abantu.

Kuphuma la maphoyisa nje bekusanda kuqubuka umsindo umasipala usolwa ngokuba namabatha endleleni okuqashwa ngayo abazoqeqes­helwa umsebenzi. Kuke kwaba nezinsolo ezibucayi ezithi kungenwa ngokwazana nokugwazis­a uma kuhlungwa.

Umasipala ukuchithil­e lokho wathi konke okwenziway­o kwenziwa kulandelwa imithetho yokuqasha kuqiniseki­swe ukuthi kukhethwa abafanele.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa