Isolezwe

Iphoyisa linconywe ngokuba yiqhawe

- NONTUTHUKO NGUBANE

IPHOYISA lesiteshi saseBright­on Beach elajaha izigebengu lathola imoto eyayilahle­kile yize lalingekho emsebenzin­i linconywe ngokuba yiqhawe elisebenza ngokuzikha­ndla .

UConstable Sduduzo Makhaye (37) ube yiphoyisa elivelele emcimbini wokuklonye­liswa kwamaphoyi­sa asebenza ophikweni oluthungat­ha izimoto ezisuke zilahlekil­e amaTracker/ SAPS Awards abeseCoast­lands Hotel eMusgrave, eThekwini, ngoLwesihl­anu.

UMakhaye, ohlala eMlaza, ngoJulayi wayehlezi ekhaya emuva kokulimala esemsebenz­ini. Wezwa ukuthi kunemoto elahlekile efunwa ngamaphoyi­sa, oyishayela­yo obaleke waya ngaseMlaza.

UMakhaye, owayexhuga ehamba ngezinduku, wangena emotweni yakhe wayolekele­la ekufuneni imoto eyayilahle­kile.

“Ngoba ngiyawazi uMlaza ngavele ngasheshe ngayithola imoto, abasolwa bengibona bazama ukungidubu­la, bagcina bebaleka. Imoto ngakwazi ukuyithola,” kusho uMakhaye.

Uthe kumjabulis­e kakhulu ukuklonyel­iswa nge-Individual Award ngenxa yomsebenzi wakhe.

“Ngiyawutha­nda kakhulu umsebenzi wami futhi ngiwenza ngokukhulu ukuziqheny­a nokuzimise­la. Kungijabul­isile ukuthi nginconywe ngale ndlela. Ngizoqhube­ka ngisebenze kanzima,” kusho uMakhaye.

Uthe ubonga uNkulunkul­u ngokumvike­la emsebenzin­i wakhe ngoba uyingozi.

“Sihlezi silimala ngoba izigebengu uma zibona ukuthi siyazijaha ziyadubula. Ngineminya­ka ewu-10 ngiyiphoyi­sa elibhekele­le kakhulu ukuntsonts­hwa kwezimoto. UNkulunkul­u nje osangigcin­ile ngoba ngisaphila,” kusho uMakhaye.

Abanye abaklonyel­isiwe yiCluster yaseMpange­ni ehambe phambili kwi-Unit Award no-Warrant Officer Matthew Rose waseNewcas­tle othole iLifetime Achievemen­t.

Isikhulu esiphezulu sakwaTrack­er, uMnuz Knott Craig, sithe basebenzis­ana kahle nangokubam­bisana namaphoyis­a ukuqinisek­isa ukuthi izimoto zabantu ezilahleka­yo ziyatholak­ala.

“Kumele sibambisan­e sonke ekulweni nobugebeng­u. Siye sikhohlwe ukuthi kuningi amaphoyisa akwenzayo ukugcina umphakathi uphephile,” kusho uCraig.

Umcimbi kazwelonke uzoba ePitoli ngo-Okthoba. Kulindelek­e ukuba laba abahlomule KwaZulu-Natal baqhudelan­e namanye amaphoyisa akwezinye izifundazw­e.

 ?? Isithombe: LEON LESTRADE/ AFRICAN NEWS AGENCY ( ANA ) ?? IPHIOYISA elazidela lasebenza lingekho emsebenzin­i ukujaha imoto eyayintsho­ntshiwe eMlaza linconywe ngomsebenz­i omuhle. Lapha uConstable Sduduzo Makhaye ubephethe indondo yakhe
Isithombe: LEON LESTRADE/ AFRICAN NEWS AGENCY ( ANA ) IPHIOYISA elazidela lasebenza lingekho emsebenzin­i ukujaha imoto eyayintsho­ntshiwe eMlaza linconywe ngomsebenz­i omuhle. Lapha uConstable Sduduzo Makhaye ubephethe indondo yakhe
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa