Isolezwe

Itholwe ihleli namaphara ingane ebinyamale­le

- NONTUTHUKO NGUBANE

UMFUNDI kaGrade 7 waseMgungu­ndlovu obedukile utholwe engungwe amaphara eThekwini, ngoLwesihl­anu.

UNaledi Zondo (12) owaduka ngoMsombul­uko kubo ePrestbury, eMgungundl­ovu, uze watholwa ngoLwesihl­anu ebusuku esenabanga­ni abasha.

Unina walo mfundi okhulume neSolezwe emuva kokutholak­ala kukaNaledi, uNkk Nokulunga Zondo, uthe ujabule ngendlela ahluleka ngisho nokuyichaz­a ngokutholw­a kwendodaka­zi yakhe.

“Sithole ucingo ngoLwesine komunye odayisa ngomzimba kaJika Joe eMgungundl­ovu esitshela ukuthi uhlale nendodakaz­i yami izinsuku ezimbili ngoba yafika ikhala ithi idinga indawo yokuhlala ngoba unina ulimale engozini yemoto. Indodakazi yami yakwazi ukuthola u-R100 yabe isiya eThekwini. Siye eThekwini ukuyombhek­a. Sisihamba sinika abantu izinombolo ukuba besithinte uma bemthola sase sibuyela eMgungundl­ovu. NgoLwesihl­anu sifonelwe wumuntu esahlangan­a naye eThekwini wathi uphethe Isolezwe ubona isithombe sendodakaz­i yami. Uthe ngaleso sikhathi ubeyibona indodakazi yami ihlezi namaphara ePhoyinti. Ngiphuthum­ile nangempela ngayifica ingane yami izihlalele namaphara,” kusho uNkk Zondo.

Uthe indodakazi yakhe ubengakayi­buzi ukuthi kungani ibalekile ekhaya ngoba usayinikez­a isikhathi sokuba ibuyise umqondo, iphinde ikhululeke izizwe isekhaya.

“Engikujabu­lele ukuthi ingane yami ibuyile ekhaya. Kulezi zinsuku ezine edukile bengihlala ngokukhala ngoba bengingazi noma kuzofona abasemakha­zeni yini bathi ushonile. Bengingala­li ngisho nasebusuku ingane yami ngingazi ukuthi ikephi. Sihlezi sizwa ngezingane ezilahleka­yo zitholwe sezishonil­e,” kusho uNkk Zondo.

Ubonge ukusebenza ngokuzikha­ndla kwamaphoyi­sa abehamba nawo yonke indawo ebheka ingane yakhe.

Ubonge abezindaba nezinkundl­a zokuxhuman­a ngokukhiph­a isithombe sengane yakhe okwenze wathola usizo ngokushesh­a.

 ?? Isithombe: SIGCINIWE ?? UTHOLAKELE uNaledi Zondo waseMgungu­ndlovu obelahleki­le THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
Isithombe: SIGCINIWE UTHOLAKELE uNaledi Zondo waseMgungu­ndlovu obelahleki­le THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa