Isolezwe

I-DFF ka-2018 izolwa nokuntulek­a kwamathuba omsebenzi ngokugqugq­uzela intsha ukuba ingene kwezamabhi­zinisi

-

UKUVUSELEL­WA komkhakha wemfashini kuza namathuba ebhizinisi kanti iDurban Fashion Fair (DFF) izoba yingxenye yeDurban Business Fair (DBF) izogqugquz­ela intsha enethalent­e ukuthi isungule amabhizini­si athi yona ukuze kuliwe nenkinga yokuntulek­a kwamathuba omsebenzi.

Kulo nyaka iDFF izoqala ngoSepthem­ba 19 iphele ngoSepthem­ba 22 eNkosi Albert Luthuli Internatio­nal Convention Centre(ICC).

Uzobe ibophele abasiki bengqephu abangu-40 baseNingiz­imu Afrika nabayisish­iyagalolun­ye bakwamanye amazwe ase-Afrika.

Kuzobe kukhona abasiki bengqephu abangacons­i phansi okubalwa kubo o-Amanda Laird Cherry, Karen Monk Klingstra noChu Suwannapha kodwa abasiki bengqephu abaningi yilabo abaneminya­ka engaphansi kuka-35.

Ucwaningo lweStats SA luveza ukuthi ukuntuleka kwemiseben­zi kubantu abaneminya­ka engu-15 kuya ku-34 kumi ku-40%.

ITheku libesibalo esiphezulu sabantu abasha abaneziqu zemfundo ephakeme liphinde libe nezikhungo zemfundo ephakeme eziningi. IMeya yeTheku uNkk Zandile Gumede uthe iyaziqheny­a ngohlelo lokuhlonyi­swa ngamakhono kwabasiki bengqephu abasafufus­a kwiDFF.

Njalo ngonyaka kukhethwa abasiki bengqephu abanethale­nte ukuze bahlonyisw­e ngamakhono azobasiza ukuthi baphumelel­e emkhakheni wemfashini. Bangaphezu kuka-200 abasiki bengqephu abangene kulolu hlelo. Baqeqeshwa yizazi zengqephu ezingu-20.

Indikimba yeDFF kulo nyaka uthi Afrofuturi­sm. IMeya yeTheku I the kukhethwe lendikimba ngoba “Sihlale sizwa nge-industrial revolution nokuthi ubuchwephe­she besimanje buzoshinsh­a izimboni ezihlukene. Kwesinye isikhathi kubaluleki­le ukuthi siqale ngalokho esikwazi kangcono njengomkha­kha wemfashini ukuze intsha yethu idale amathuba omsebenzi.Asinazo izinkampan­i ezinkulu zezimpahla kodwa sifuna ukuzakhela ezethu izimboni ngokuhlomi­sa intsha ngamakhono emfashini,” kusho uNkk Gumede.

Kusukela isungulwa iDFF yayidalelw­e ukuheha izintathel­i, abathengi bemfashini nayo yonke imboni yendwangu kanjalo namalungu omphakathi nakulo nyaka izoqhubeka kulokho.

Izophinde ifundise abantu ngokubalul­eka kokuthenga impahla eyenziwe kuleli nomthelela oba semnothwen­i ngokutheng­wa kwempahla eyenziwe kwamanye amazwe.

Eminye imininingw­ane itholakala ekhasini elithi @Dbnfashion_fair naku durbanfash­ionfair.com

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa