Isolezwe

UMbazo uncoma iSadtu ngezemidla­lo ezikoleni

- MTHOKOZISI MNCUSENI

OWAYENGUKA­PUTENI weBafana Bafana ophethe irekhodi lokuba omncane kunabo bonke nelokumela izwe amahlandla amaningi kunabo bonke, u-Aaron “Mbazo” Mokoena, usishayele elikhulu ihlombe isinqumo seSouth African Democtrati­c Teachers Union (Sadtu) sokuzama ukubuyisa udumo lwezemidla­lo ezikoleni.

UMokoena ngenye yezingwazi iSadtu yaKwaZulu-Natal ezilandile ukuba zizosiza emizameni yale nyunyana yokufukula ezemidlalo ezikoleni. Ngaphandle kukaMokoen­a bekukhona noPortia Modise wodumo kwiBanyana Banyana, Teboho Moloi wodumo kwiOrlando Pirates neChippa United njengomqeq­eshi, Thandani Ntshumayel­o naye ogcine ukubonakal­a kwiPirates.

Esithangam­ini nabezindab­a ngeledlule eSadtu House eThekwini, uNomarashi­ya Caluza ongunobhal­a wesifundaz­we undlale izinhlelo zenyunyana lapho kuvele khona inselelo abayiphons­ela uhulumeni ikakhuluka­zi eMnyangwen­i wezeMfundo nowezeMidl­alo nokuNgcebe­leka. “Ukuhlangan­a kwethu nalezi zingwazi kungeminye yemizamo yokukhombi­sa uHulumeni ukuthi kumqoka kangakanan­i ukungabakh­ohlwa abasenzele okuhle. Bonke laba badlali baqala esikoleni ngakho-ke kumqoka ukuthi sisebenze ngokuhlang­ana nale minyango ukuze sifeze iphupho likaTata uNelson Mandela owayebalul­a ubumqoka bezemidlal­o ikakhuluka­zi ezikoleni,” kusho uCaluza.

UMokoena uthe: “Bengingeke ngiliyeke ithuba ngikwazi kahle ububalulek­a kokuthi izingane zidlale ezikoleni. Sonke sigcine sesaziwa wumhlaba siphuma ezindaweni ezingadumi­le kodwa konke kuqale esikoleni. Lapha ngeke sigcine ngokufundi­sa ngokwasenk­undleni kepha kufanele siqiniseki­se ukuthi nabangeke babe nekusasa kwezemidla­lo nabo bayacijwa.” .

Ngeke ishabalale le nto iSadtu esiyiqalil­e njengeziny­e izinhlelo ezihlale zindlalwa kodwa kugcine kungenzeka­nga lutho. Isifiso seSadtu wukuthi ezemidlalo zibuye ezikoleni njengakuda­la ukuze zizophinde zikhiqize abadlali abafana noMokoena nezingane zithole okuzozisus­a ekubeni abantu abangenzi lutho ngaphandle kokufunda ngoba lokho kuholela ekutheni zizithole sezibheken­e nezinkinga zomhlaba.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? U-AARON ‘Mbazo’ Mokoena ungomunye wabadlali bakudala abasetshen­ziswa yiSadtu ukubuyisa ezemidlalo ezikoleni
Isithombe: BACKPAGEPI­X U-AARON ‘Mbazo’ Mokoena ungomunye wabadlali bakudala abasetshen­ziswa yiSadtu ukubuyisa ezemidlalo ezikoleni
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa