Ibibuthuntu iChiefs ishaya i-Arrows
KUGQAME ubuthuntu kubadlali beKaizer Chiefs abadlala kwi-Absa Premiership ngesikhathi Amakhosi eshaya iLamontville Golden Arrows, emdlalweni weMultiChoice Diski Challenge (MDC) izolo.
UBongolwethu Jayiya, Letlogonolo Mirwa, Ryan Moon noWiseman Meyiwa abazange bagqame yize abalandeli beqembu bequngele amakhaza izolo baphuma ngobuningi babo eHammarsdale.
Ukungayishukumisi inkundla yikona okwenze sacaca bha isizathu esenza uGiovanni Solinas abazibe laba badlali abane izolo. Okuvele obala kubona wukukhathala, ukungathathi izinqumo ezinhle endaweni eyingozi nokungazethembi. UMoon noJayiya abazange bawuqede umdlalo ngoba u-Arthur “10111” Zwane, ocija iChiefs, ubakhiphe ngomzuzu ka-72.
Igoli leChiefs livalelwe phakathi uReamohetswe Lekoatsa obesuka ebhentshini ngesiwombe sesibili ngomzuzu ka-77.
Womabili amaqembu ahlulwe ngamathuba ngesiwombe sokuqala. IChiefs ikhombise inhloso emizuzwini ewu-20 yokuqala ngesikhathi isikhwishikhwishi esidlala ophikweni lwesokudla, u-Itumeleng Shopane, besilokhu siyicele njalo indlela ku-Kaleb Parusnath emuva kwi-Arrows kodwa kungekho okubambekayo ngeminyakazo yakhe emihle.
Ngomzuzu ka-28 uSanele Mathenjwa we-Arrows ugobe ibhola elihle kwesokudla, elihlangane nekhanda lomgadli waBafana Bes’thende, uNkosikhona Dube, kodwa laphuma phezu kwepali.
Bezimphika izinto uDube ngesiwombe sokuqala. Uthole oqokelele ababili, nokho ukungabaza kwamenzela phansi. Ngomzuzu ka-39, uLindani Ndelu odlala esiswini kwiArrows uthole ithuba wabhekana ngqo nonozinti weChiefs uBruce Bvuma kodwa wakha amabhilidi.
Esiwombeni sesibili Amakhosi aqale eshoshela phambili. Ngomzuzu wesishiyagalombili uqalile umdlalo wokuphaselana phakathi kukaMoon noJayiya uphethe ngokuthi uMoon abe sendaweni enhle yokukhahlela kodwa washaya ishodi lenkukhu walibamba uMlungwane ezintini ze-Arrows.
Ngomzuzu ka-75 uSiboniso Conco udlaliswe kabi ebhokisi leChiefs, akananazanga unondweba uSkhumbuzo Gasa, walibeka emlotheni. Nokho uBvuma uyivimbile, kwaba wukuhluleka kwakhe uConco ukushaya iphenathi.
Kweminye imidlalo ye-MDC ebidlalwa izolo khona eHammarsdale, iMamelodi Sundowns inenebule iMaritzburg United ngo 3-0, kwathi AmaZulu, aphekwa ngu-Ayanda “Cobra” Dlamini ashaya i-Orlando Pirates ngo 3-1.