Isolezwe

‘IChiefs ayikaze ikhulume ngoTalent’

- ZAKHELE XABA

USIHLALO weBaroka, uKurishi Mphahlele, ucacisa ngoTalent Chiwapiwa okugcine kuvalwe iwindi lokushints­hana ngabadlali eseseqenji­ni phezu kwezinkulu­mo zokuthi ufunwa uthuli yiKaizer Chiefs neMamelodi Sundowns.

UChiwapiwa, waseZimbab­we, ushaye into ecokeme kuBakgaga ngesizini edlule eqala ukudlala kwi-Absa Premiershi­p. Lokhu kulandelwe yizinkulum­o zokuthi ulandelwa ngamaqembu amakhulu eNingizimu Afrika nokujabuli­se iqeqebana labandeli baMakhosi. UChiwapiwa uqokwe njengomdla­li ovelele emasontwen­i edlule ngesikhath­i iBaroka idlala ngokulinga­na ngo 1-1 neChiefs kowePremie­rship ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.

UMphahlele uthe: “IChiefs ayikaze ikhulume nami ngendaba kaChiwapiw­a, nami kade ngiyizwa nje le nto emoyeni. Abantu obekufanel­e bakhulume nathi abakaze basho lutho. Bengimanga­la nje ukufunda emaphephan­dabeni ukuthi uChiwapiwa uyahamba. Kodwake noma iChiefs ibike yafika kithina besingeke simdayise okwamanje. Abantu abafunde ukuyozifun­ela abadlali njengoba nathi senza nje,” kusho uMphahlele.

Okuqinisin­e imibiko yokusayina eNaturena kukaChiwap­iwa wukuboleki­sa komgadli osemncane, u-Emmanuel “Adebayor” Letlotlo kwiBaroka. Bekunezink­ulumo zokuthi laba badlali bazoshints­hana.

Amakhosi asayinise abadlali abasha ngaphambi kokuqala kwesizini okukhona kubona uKhama Billiat waseZimbab­we, Virgil Vries waseNamibi­a, Godfrey Walusimbi waseKenya nabanye. Nokho izinto azikahlang­ani ngoba awakawini nowokubika umdlalo kwiligi selokhu kuqale isizini ka-2018/2019. IChiefs izobuyela enkundleni ngoMgqibel­o uma isibhekene neCape Town City eKapa. Ngosuku olufanayo iBaroka izovakashe­la iChippa United eSusa Dukashe Stadium.

Khonamanja­lo, iChiefs imemezele ukuthi umdlalo wayo nePolokwan­e City, obekufanel­e udlalelwe eFNB Stadium, usuthuthel­e eMoses Mabhida eThekwini ngo-Okthoba 6 ngo-6 ntambama. IChiefs izobuyela eMabhida okokuqala selokhu kwasuka izidubedub­e ibhekene neFree State Stars kowandulel­a owamanqamu weNedbank Cup ngesizini edlule nokuphethe ngokuthi kusule umqeqeshi, uSteve Komphela, osecija iBlomefont­ein Celtic.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UTALENT Chawapiwa weBaroka FC uba wuhlupho emaqenjini amaningi uma ebhekene nezakhe
Isithombe: BACKPAGEPI­X UTALENT Chawapiwa weBaroka FC uba wuhlupho emaqenjini amaningi uma ebhekene nezakhe
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa