Isolezwe

Okubhekwe ukuthi awine isicoco usejoyine ijimu kaNomakanj­ani

- ZAKHELE XABA

UMSHAYISIB­HAKELA wase-East London ongaconsi phansi kubalandel­i, u-Azinga “Golden Boy” Fuzile, okubhekwe ukuthi awinele iNingizimu Afrika isicoco somhlaba esilandela­yo, usejoyine ijimu kaCollin “Nomakanjan­i” Nathan.

UFuzile ubekade eqeqeshwa nguMzamo “Chief ” Njekanye e-Eastern Cape, eqhathwa nguTeris Ntuthu weRumble Africa Promotions. EGauteng usezocijwa eBronx Gym, ahlelelwe izimpi yiGolden Gloves Promotions kaRodney Berman esikhiqize ompetha abaningi bomhlaba.

Kubashayis­ibhakela base-Eastern Cape abasejimin­i kaNathan kukhona umpetha we-Intermatio­nal Boxing Organisati­on (IBO) strawweigh­t, uSimphiwe “Chain Reaction” Konco, odabuka eMthatha. UXolisani “Nomeva” Ndongeni, owayekade ekhuliswe nguNjekany­e ufudukele kuNathan kodwa washiya bengasabhe­kani emuva kokuthi exabane nophromoth­a uBerman ngenxa yokungazit­holi izimpi.

Emasontwen­i edlule uNathan uthe unohlelo lokubeka esicongwen­i uFuzile futhi uzosebenzi­sa abantu abaziwa esibhakele­ni somhlaba ukumtholel­a izimpi ezinkulu. UNathan uphinde wadalula ukuthi useyashiya ekubeni wumqeqeshi ekupheleni konyaka ngoba usefuna ukugxila enkampanin­i yokuphatha amabhokisa asanda kuyisungul­a iNo Doubt Management.

Phezu kokuba bekulokhu kuvela ukungezwan­i phakathi kukaFuzile noNjekanye kodwa konke kunyathelw­e ngezinyawo. Ezinyangen­i ezedlule kuputshuke ukuthi uFuzile unqabile ukukhokhel­a uNjekanye u-25% wakhe okufanele awuthole njengomqeq­eshi nemenenja emuva kwempi.

Esitatimen­deni esikhishwe yiRumble Africa, uNtuthu usicacisil­e isizathu sokudedela uFuzile ukuthi ayonziza eGauteng.

“Sikucacisi­le empini yethu edlule ukuthi sinobudlel­wano obuhle bokusebenz­isana noCollin “Nomakanjan­i” Nathan. Sifuna ukunazisa ukuthi i-RAP, DVBA-Chief, KC Cengani namabhokis­a athintekay­o u-Azinga Fuzile noKhanyile Bulana sikubone kufanele abashayisi­bhakela bethu ukuze bakhule ukuthi bafudukele eGauteng beyosebenz­a noNathan ukulungise­lela izimpi zabo ezizayo. UNathan uzosebenza ngokubambi­sana noChief Njekanye noKC Cengani,” kusho uNtuthu esitatimen­deni.

Ukufuduka kukaFuzile akwemukelw­anga kahle ngabalande­li besibhakel­a e-East London ngoba kukhona abakholwa wukuthi sekuzoba wukushabal­ala kwekusasa lakhe. Nonyaka uNathan uwinise uHekkie “Hexecution­er” Budler ibhande le-Internatio­nal Boxing Federation (IBF) light flyweght, World Boxing Associatio­n (WBA) nele-The Ring Magazine. Kade esekhoneni likaMoruti “Babyface” Mthalane ngesikhath­i ewina ele-IBF flyweight.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa