Isolezwe

UBaxter usole abagxeka uFurman

- LUNGILE MAJOKA

BASOLWE ngokungala­zi ibhola abagxeka uDean Furman obe ngumdlali ovelele ngesikhath­i iBafana Bafana ibambana ngo 0-0 neLibya ngempelaso­nto emdlalweni wokuhlunge­la i-Africa Cup of Nations (Afcon) yangonyaka ozayo eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

Umqeqeshi weBafana uStuart Baxter uzibizele ukukhuluma ngala mazwi awasho esevala inkulumo yakhe nabezindab­a ethi kumele kuyekwe ukugxekwa kungafanel­e uFurman ngoba lokho kuyamlimaz­a umdlali.

“Ngicabanga ukuthi uDean ube nomdlalo omuhle. Ngicabanga ukuthi uKeagan Dolly udlale kahle kakhulu. Ngiyazi uma siqoka iqembu kukhona ababuzayo ukuthi kungani uDean Furman edlala. Kungani kudlala uKeagan Dolly? Yini kungadlali, uFred, uTom noma uHarry? Uma ukhuluma kanjalo kumele ukuthi uzibona ubuwula uma esedlala njengoba enzile kusihlwa (ngoMgqibel­o).

“UDean umqoka kuleli qembu, ongakuboni lokho akalazi ibhola. Ngalokhu akekho olapha engimgxeka­yo wukuthi kumele sikubheke esikushoyo uma sifuna ibhola lakuleli likhule.

“Ukukhuluma amagama angemahle ebhekiswe kubadlali abathile noma ngebhola laseNingiz­imu Afrika akwakhi muntu. Njengoba uDean eshilo bekumele sinqobe. Siphoxekil­e ngokunganq­obi sizowuhlaz­iya umdlalo bese sizama ukubuya ngamandla. Kodwa kumele ngikusho ukuthi ngabe sinobuqini­so yini uma sigxeka abadlali abafana noDean abazinikel­a ngenhliziy­o nangomoya umdlalo ngamunye,” kusho uBaxter. Kufane nokuthi uzidonsela amanzi ngomsele njengoba enye yezintathe­li imbuzile ukuthi usho ukuthini uma ethi: “abantu abalazi ibhola” ngoba la mazwi akhe awehli kahle kwabathile kuleli. Ithe uke washo okufanayo nangesikha­thi ecacisa ngokuqasha indodana yakhe uLee ekubambeni ekuphekeni onozinti kwiBafana.

Gwiqiqi UBaxter ube esephika wathi akushongo ukuthi “abantu abalazi ibhola”.

“Yebo (ibhola) wumdlalo wemibono ehlukene. Angishongo ukuthi abantu abalazi ibhola. Engikushil­o wukuthi angiqondi ukuthi kungani ngigxekwa ngokuletha uLee ekubeni kunguyena ofunde wagogoda ekuphekeni onozinti. Uneziqu ezidlula abaningi abaqeqesha kwiPSL. Angishongo ukuthi anilazi ibhola. Ngathi ngingaphox­eka uma abantu bengakubon­i lokho (ukuthi uLee uqashwe ngoba eneziqu ezifanele). Ngithi abantu abakuqonde ukuthi amagama amabi abawakhulu­mayo bewabhekis­e esosheni elinjengoD­ean lokho abakwenzay­o kuzokuba nomthelela ongemuhle. Njengoba nawe (esho intatheli) manje usudukisa isizwe ngokuthi ngithe abantu abalazi ibhola,” kuphetha uBaxter.

Le nkulumo iqhubeke waze wayongena ebhasini kodwa kucaca ukuthi akayizwa eyalokhu okuthiwa okushilo.

Mayelana nomdlalo uvumile ukuthi awasebenza­nga amaqhinga.

“Esiwombeni sokuqala besinabadl­ali abathathu esiswini. Besifuna ukubahlase­la ngejubane likaVincet (Pule) noKeagan. Lokho sikwenzile cishe u-65% kodwa besingafik­i ngendlela efanele ebhokisini ngale ndlela ebesikhulu­me ngayo. Okwesibili ngidlalisa uVilla (Sibusiso Vilakazi) kunombolo-10 ukuze asondelane no(Bradley) Grobler bese uPercy engena njengomgad­li wesibili. Bengizitsh­ela ukuthi sizolithol­a igoli kodwa kwangenzek­a,” kusho uBaxter.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMQEQESHI weBafana Bafana uStuart Baxter uqophisane nentatheli evikela uDean Furman eMoses Mabhida Stadium, ngoMgqibel­o
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMQEQESHI weBafana Bafana uStuart Baxter uqophisane nentatheli evikela uDean Furman eMoses Mabhida Stadium, ngoMgqibel­o
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa