Isolezwe

Ucela ukunikwa ithuba uMosimane

- LUNGILE MAJOKA

UMQEQESHI weMamelodi Sundowns, uPitso Mosimane, ukuthatha njengesifu­ndo ukuphuma kulandelan­a kweqembu lakhe emiqhudelw­aneni emibili.

Unxuse abalandeli bangangxam­i kodwa bakhumbule ukuthi iqembu lihlale lizimisele ngokubajab­ulisa. NgokukaMos­imane, lesi yisikhathi sokuthi alivuselel­e kabusha iqembu asenqobe nalo izicoco eziyisikho­mbisa selokhu afika ngo-2012.

ISundowns isinqobe izicoco ezintathu zeligi noMosimane – eseNedbank Cup, iTelkom Knockout, iCAF Champions League neSuper Cup.

Kulokhu uphinde waphunyukw­a yisicoco seMTN 8 bewasha ijezi kowandulel­a owamanqamu. Umphumela ubulandela omunye ongemuhle behluleka wukungena kumaquarte­rfinal eChampions League.

“Uma uhlulwa kukhona izinto ozifundayo ngeqembu. KwiChampio­ns League sisafana nezingane. Akukuhle ukuthi siphumile kwiMTN 8 kodwa-ke iqembu kumele lidlale ukuze lifunde futhi likhule,” kusho uMosimane.

Lapha ubesho ngesinqumo sakhe sokubophel­a abadlali abasha eqenjini u-Ali Meza, Tony Silva, Lebo Moboe noMosa Lebusa.

“Ngibonile ukuthi inhlangani­sela ka(Sbusiso) Vilakazi no(Jeremy) Brockie ayisebenzi (abadlale kwiChampio­ns League bangalitho­la igoli). Ngiyajabul­a ukuthi ngilwenzil­e ushintsho ngokudlali­sa u-Ali Meza noTony Silva futhi salithola negoli. Lokho kudinga isibindi. Kumele sibe neqiniso silinikeze isikhathi iqembu ngoba lisha. Isikhathi-ke awusitheng­i kodwa kumele ubafake enkundleni abadlali ukuze ubone ukuthi bayakwazi yini ukukuseben­zela nabo bathole amava,” kusho uMosimane.

ISundowns ihlulwe yiCape Town City kumaphenat­hi kwiMTN 8 ngemuva kokunqoba umlenze wesibili ngo 1-0. Igoli lishaywe uTony Silva.

“Ngiyazi ukuthi abalandeli banakho ukukhathaz­eka kodwa ngiyacaban­ga ukuthi bazojabula ezinyangen­i ezimbili ezizayo uma sibuya sibajabuli­sa ngendebe. Ngiyazi futhi yithina esabajwaye­za ngokuthi sihlezi sinqoba izicoco.”

Uthe okumele kuqondwe wukuthi uma eqeqesha akenzeli umdlalo owodwa asuke eya kuwona.

“Ngiqeqeshe­la ingomuso. Kumele ngiphinde ngibenze laba badlali bahlangane. Sineqoqo elihle labadlali kodwa nakhona akusho ukuthi ngeke uphoxeke njengoba kwenzekile. Kodwa kumele uqhubeke nabo. Lapha sakhela iminyaka emithathu kuya kwemine ezayo,” kusho uMosimane.

Ngesikhath­i uMosimane esahlangan­isa iqembu lakhe angaqala ajabulise abalandeli bakhe ngokuthola amaphuzu agcwele emdlalweni olandelayo weligi.

ISundowns, engompetha beligi, izovakashe­la AmaZulu FC eKing Zwelithini Stadium ngeSonto. AmaBrazili­ans asanqobe kanye emidlalwen­i emithathu yeligi okuwabeka endaweni yesithupha kwi-log ngamaphuzu amahlanu.

Khonanjama­lo uRicardo Nascimento weSundowns uvuselele inkontilek­a yakhe ngeminyaka emithathu, kwathi uSiphelele Mkhulisi wasayina eyeminyaka emihlanu.

Imidlalo ye-Absa Premiershi­p:

NgoMgqibel­o: Chippa United v Baroka FC (Sisa Dukashe Stadium, 3pm); Cape Town City v Kaizer Chiefs (Cape Town Stadium, 3pm); Mariztburg United v Bidvest Wits (Harry Gwala Stadium, 6pm); Polokwane City v Free State Stars (New Peter Mokaba Stadium, 8.15pm); Orlando Pirates v SuperSport United (Orlando Stadium, 8.15pm)

NgeSonto: Black Leopards v Bloemefont­ein Celtic (New Peter Mokaba Stadium, 3pm); Highlands Park v Lamontvill­e Golden Arrows, 3pm)

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMQEQESHI weMamelodi Sundowns uPitso Mosimane ucela ukunikwa ithuba lokwakha iqembu kabusha
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMQEQESHI weMamelodi Sundowns uPitso Mosimane ucela ukunikwa ithuba lokwakha iqembu kabusha
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa