Bafuna kubuyekezwe uhlelo lokufundisa
UKUKHALA kothisha ngomsebenzi omningi owenza bangabi nesikhathi sokufundisa, yikona okwenza kubuyekezwe uhlelo lokufunda nokufundisa ezikoleni.
UMnyango weMfundo eyisiSekelo unxusa umphakathi ukuthi ulethe izincomo ngokubuyekezwa kwezinye zezifundo ohlelweni lokufunda iCurriculum Assessment Policy Statement (CAPS).
Lokhu kubangelwe wukukhala kwezinyunyana zothisha ngokuthi muningi umsebenzi obhekana nothisha nsuku zonke kube kudingeka nokuthi babhalise nezivivinyo.
Okhulumela uMnyango weMfundo eyisiSekelo, uMnuz Elijah Mhlanga, uthe uNgqongqoshe womnyango, uNkk Angie Motshekga, uthe bafuna ukuqinisa ukufunda nokufundisa ezikoleni.
Uthe kuvalwa ngoSepthemba 28 ukulethwa kweziphakamiso wathi akushintshwa lonke uhlelo lokufunda kodwa kwenziwa izichibiyelo kwezinye zezifundo nesikhathi esabelwe zona uma zifundiswa. “Ukubuyekezwa kohlelo lokufunda yinto eyenzeka njalo. Othisha okungabantu abafundisayo bakhala ngokuthi mningi umsebenzi ababhekene nawo. Yingakho sizinike isikhathi sokuhlaziya uhlelo saze senza neziphakamiso. Umphakathi awuphawule ukuze maduzane sizifake iziphakamiso,” kusho uMhlanga.
Phakathi kwezinguquko eziphakanyisiswe kubalwa ezifundweni iLife Orientation, History, Izilimi, Science, Maths, Maths Literacy, Accounting, Geography nezinye izifundo.
Okuphakanyiswe kwiHistory wukuthi kwehliswe amamaki atholwa abafundi uma bebhale indatshana asuke ku-50 aye ku-10 kwaGrade 11. KwiMaths kubalulwe ukuthi kumele kubhalwe izivivinyo eziyisikhombisa amamaki azo afakwe kwawonyaka wonke umfundi asuke ewathola.
KwiHistory kwaGrade 11 kuphakanyiswe ukuthi ngekota yokuqala amamaki ezivivinyo ehliswe asuke ku-100 aye ku-20. Ukwehliswa kwamamaki kusho ukuthi kuzokwehliswa imibuzo ebuziwe.
Okuphakanyiswe kwiGeography kwamatric wukuthi kumele kubhalwe isivivinyo esisodwa ngekota yokuqala, ngeyesibili kubhalwe isivivinyo samaphakathi nonyaka, ngeyesithathu kubhalwe isivivinyo esisodwa nesandulela esokugcina kuthi ngekota yokugcina kubhalwe ezokuphela konyaka.
UMhlanga uthe inhloso yokwenza lokhu wukuphucula ezemfundo.
UMengameli weNatu, uMnuz Allen Thompson, uthe bebehlale bekhala ngokuthi mningi umsebenzi obhekene nothisha njengoba benza nemisebenzi engafaki ukufundisa bese lokho kubaphuca ithuba lokuthi umfundi afunde.
“Asifuni olunye uhlelo olusha lwezemfundo yingakho sikwamukela ukubuyekezwa kweCaps. Akwehliswe nesibalo sabafundi kuthisha. Othisha bafundisa amakilasi agcwele kakhulu, afundise abafundi abawu80 kuya ngaphezulu. Lokho kubaphuca isikhathi sokuthi banike bonke abafundi ulwazi ngoba mkhulu umthwalo,” kusho uThompson.
Uthe uthisha ugcina esefundisa into encane bese kudingeka ahlole umfundi. Bafuna kuncishiswe izivivinyo, amaassignments neminye imisebenzi engathi shu eyenziwa wothisha kodwa bagxile ekufundiseni.
Okhulumela iSadtu, uNksz Nomusa Cembi, uthe bayakwamukela ukwehliswa komthwalo kothisha.
Uthe othisha kumele bathole isikhathi esanele sokuthi bagxile ekufundiseni bangalokhu behlola abafundi njalo.