Unqatshelwe ukubhala olove waya kowoMhlanga
UNQATSHELWE ukubhala izivivinyo ezandulela ezokuphela konyaka umfundi waseSpringlake High, eHlathi Dam, eNquthu okuthiwa yingoba elove esikoleni waya eMkhosini woMhlanga.
Umfundi oneminyaka engu-20 ofunda uGrade 12 kulesi sikole uphuthelwe wukubhala i-English nesiZulu izolo. Udadewabo uthe uthishanhloko uthe ngeke abhale ngoba ulove esikoleni ngoLwesihlanu nangoMgqibelo.
“Umama wabhala incwadi azisa uthisha ukuthi udadewethu ngeke aye esikoleni ngoba uzobe eye eMkhosini woMhlanga ngempelasonto. Uma esefika esikoleni uthisha uyamxosha uthi akazi ukuthi kungani eqoke ukuya emhlangeni ekubeni eyisidomu engaphasanga ngekota eyedlule. Kuyiqiniso ukuthi akaphasanga ngekota edlule kodwa lapha esikoleni kuyaziwa ukuthi udadewethu wasinda edlwengulwa okumenze wangabe esenza kahle ezifundweni zakhe. UGrade 11 wawufeyila. Othisha bebemeseka ukuze abuyele esimeni. Kuyangimangaza ukuthi uma enza into enhle yokuziphatha kahle uyaxoshwa,” kusho yena.
Uthe lokhu ukusho ngoba abafundi abakhulelwe bayadedelwa baye koteta babuye bafunde kodwa oye eMkhosini woMhlanga futhi ebikile akavunyelwa ukubhala.
“Ngikhuluma nawe nje ngiphumile emhlanganweni ngoba angikwazi ukubekezelela indlela uthishanhloko akhuluma kabi ngayo ngodadewethu. Uthi uyisidomu. Uma eyisidomu yini ebizoshintsha ngalezi zinsuku ezimbili abengekho ngazo esikoleni? Mina ngazi ukuthi uthisha akakhulumi kanjalo ngomfundi noma ngabe ebona ukuthi udonsa kanzima, uyamkhuthaza,” kusho yena.
UMnuz Muzi Mahlambi, okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uthe uMnyango wezeMfundo uyasikhalela isikhathi sokufunda esilahlekile noma ngabe sincane kangakani.
“Othisha babekelwa isikhathi sokuphothula isilabhasi baze banikele ngesikhathi sabo ngoba befuna ukuthi abafundi baphase kahle. Kuyadumaza ukuthi uma sebezinikele bafike abafundi bengekho emakilasini. Yize kunjalo singumnyango siyakugxeka ukuthi umfundi ajeziswe ngokuthi ancishwe ithuba lokubhala. Uthishanhloko bekumele aqhamuke nenye indlela eyisijeziso. Sizothumela abahloli bayobheka ukuthi lolu daba lungasonjululwa kanjani,” kusho uMahlambi.
UNkk Nomagugu Ngobese wenhlangano egqugquzela ukuhlolwa kwezintombi, iNomkhubulwane Cultural Institute, uthe ukunqatshelwa kwalo mfundi ukuthi abhale kwenziwa wukuthi amasiko nenkolo yabantu abamnyama kuleli kucindezelekile.
“Imithetho nemigomo isikhiphela ngaphandle, ukube besibhekelelwe bekumele ngabe kuyaziwa ukuthi kunomkhosi ongcwele wezintombi. Mhlawumbe ngabe lolu suku luyiholidi kodwa akunjalo. Sengifisa ukwazi ukuthi lesi sikole siphasa kangakanani njengoba sixosha umuntu olove esikoleni izinsuku ezimbili,” kusho uNkk Ngobese.