Isolezwe

Kuboshwe nekhansela le-ANC ngelokubul­ala

- BONISWA MOHALE

I-ANC izwakalise ukushaqeka ngokuboshw­a kwekhansel­a layo elikuMasip­ala waseMsundu­zi elibekwe icala lokubulala uMnuz Msawenkosi “Maqatha Awaziqobi/Qashana” Mchunu owayeyisis­hoshovu se-ANC owabulawa ngentululw­ane yezinhlamv­u ngoMeyi.

Isolezwe lithole ukuthi ikhansela livele kafushane enkantolo yeMantshi yaseMgungu­ndlovu izolo nabanye abasolwa abayisithu­pha.

Kuvela ukuthi ikhansela lihlala ku-ward 10 eMsunduzi lapho kwakuhlala khona uMchunu kanti liboshwe ngeSonto namanye amadoda ayisithuph­a nawo ahlala kule ndawo.

Kuthiwa phakathi kwababoshi­we kukhona unogada wekhansela nendodana yePhini leMeya yaseMgungu­ndlovu.

Esitatimen­deni, ukhulumela i-ANC eKZN, uNkk Nomagugu Simelane-Zulu, uthe bashaqekil­e ngokuboshw­a nokubekwa icala kwekhansel­a labo elisebenza eMsunduzi futhi bazoyeka umthetho ukuthi usebenze.

“Sicela amalungu ethu asebenzisa­ne nezinhlaka zomthetho kulolu daba. Yize sikholwa wukuthi wonke umuntu umsulwa kuze kube ulahlwa yicala kodwa lezi zinsolo zinzima futhi zidinga ukubhekisi­swa. IKwaZulu-Natal inezigamek­o eziningi zokubulawa kosopoliti­ki futhi amaqabane ethu abulawayo,” kusho uNkk Simelane-Zulu.

Uthe bayathemba ukuthi izinhlaka zomthetho zizokwenza konke okusemandl­eni ukuqeda ukubulawa kosopoliti­ki ukuze ne-ANC iqale izinhlelo zayo zokuqondis­a ubugwegwe ngaphakath­i ithumele umyalezo oshubile kwabathint­ekayo.

Ugqugquzel­e amalungu e-ANC ukuthi abe yisibonelo esihle emphakathi­ni wathi ukuthintek­a kwekhansel­a labo ecaleni lokubulala kuyaphoxa futhi kukhombisa ngokusobal­a ukuthi lolu daba kufanele lusukunyel­we.

“Sizoqhubek­a nomkhankas­o kaThuma Mina wokugqugqu­zela amalungu e-ANC ukuthi avikele inkululeko yabantu nokuthi aqinisekis­e ukuthi bonke abantu abahlukume­zeki,” kusho uNkk Simelane-Zulu.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa