Isolezwe

Kusolwa umphakathi ngokusha kwenkantol­o

- PHILI MJOLI

KUSOLWA umphakathi obudinwe ugane unwabu ukhala ngokushoda kwamanzi eNgonyamen­i ukuthi yiwo oshise inkantolo yenkosi izolo.

Lo mphakathi ubukhala ngokushoda kwamanzi kuthiwa uvale umgwaqo ekuseni ufuna amanzi ekhanselen­i wabe usudubela enkantolo yenkosi yesizwe sakwaCele, iVumengazi Traditiona­l Court, wayishisa.

Okhulumela amaphoyisa kulesi sifundazwe, uCol Thembeka Mbele, uthe iqulu lamalungu omphakathi elilingani­selwa ku-300 livale umgwaqo lashisa amathayi.

“Amaphoyisa aphuthume kule ndawo ngemuva kokubikelw­a ngequlu ebelivale umgwaqo ngamathayi avuthayo, amalungu omphakathi avulele ngamatshe ebhekise emotweni ebihamba amaphoyisa,” kusho uCol Mbele.

Kuvulwe icala lokudala udlame emphakathi­ni kodwa uthe bekungakab­oshwa muntu.

UNgqongqos­he wezokuBusa ngokuBambi­sana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube, usigxekile isenzo salo mphakathi wathi akunamqond­o ukuthi umphakathi ungathi ufuna amanzi kodwa ushise inkantolo yenkosi.

“Kunezindle­la ezilandelw­ayo zokukhalaz­a. Siyaphinda siyawunxus­a umphakathi wakithi ukuthi ungashisi ingqalasiz­inda uma unezikhalo ngoba kusibuyise­la emuva. Inkantolo yesizwe ibibuye isetshenzi­selwe ukuphakela umphakathi ontulayo wakuyo le ndawo. Ngenxa yalo mbhikisho abantu abathola ukudla okuphekwa kule nkantolo abazi ukuthi bazodlani. Isimo somnotho siyaphoqa ukuthi izikhungo ezikhona njengamanj­e zenze okungaphez­ulu kwalokho ezibekelwe khona,” kusho uNkk Dube-Ncube.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa