Isolezwe

Imibono ngomhlanga­no we-ANC oyinguyaza­na

- MLUNGISI GUMEDE

BAVEZE imibono eyehlukene abahlaziyi bezepoliti­ki mayelana nomhlangan­o wabaholi abathile be-ANC okubalwa nobengumen­gameli wezwe uMnuz Jacob Zuma lapho kuthiwa bekuboshwa kuwo uzungu lokuketula uMengameli Cyril Ramaphosa.

Iphephanda­ba lesiNgisi langeSonto libike ukuthi uZuma, uNobhala-jikelele we-ANC, uMnuz Ace Magashule, obenguNdun­ankulu aphinde abe nguSihlalo we-ANC eNorth West, uMnuz Supra Mahumapelo, uNobhala we-ANCYL KwaZulu-Natal, uMnuz Thanduxolo Sabelo, noNkk Meokgo Matuba we-ANCWL nabanye bahlangane eMaharani Hotel, eThekwini. Iphephanda­ba lize laveza nesithombe esikhombis­a laba baholi bekuleli hotela.

Umhlaziyi wezepoliti­ki, uMnuz Ralph Mathekga, uthe izinsolo ziyinto ekhona. Lokhu kufakazelw­a wukuthi i-ANC ikhiphe izincazelo eziningi ezehlukene ngazo.

“Ukuthi umhlangano waba khona noma cha kukhombisa ukuthi ngaphakath­i kwi-ANC bakhona abahlela ukuketula umengameli,” kusho uMathekga.

Omunye umhlaziyi wezepoliti­ki, uMnuz Xolani Dube, ongumcwani­ngi kwisikhung­o iXubera Institute uthe akekho ozokwazi ukuthi bekukhulun­ywani emhlanganw­eni kuze kube omunye wabo uphula umgomo wokugcina imfihlo uphumela obala uyasho ukuthi bekukhulun­ywa ngani.

“Iqiniso wukuthi umhlangano ube khona kodwa akekho owaziyo ukuthi bekukhulun­ywa ngani kkuwo,” kusho uDube.

Uthe yena akaboni ukuthi le ndaba yomhlangan­o ingaze isuse umsindo.

Ugxeke uSabelo ngokuphume­la obala azame ukuziqhele­lanisa nezinsolo.

Omunye umhlaziyi wezepoliti­ki, uMnuz Thabani Khumalo, uthe okwamanje kunzima ukusho ukuthi izinsolo ziyinto ekhona yini noma engekho. “NgesiZulu kuyaye kuthiwe ungayibamb­i isavele ngekhanda kodwa okukhulu kunakho konke wukuthi kwi-ANC akukho ukuthemban­a. Imihlangan­o ingenye yezindlela zepolitiki kodwa ngenxa yokuthi akukho ukwethemba­na sekuvela izinsolo ezifana nalezi,” kusho uKhumalo.

Ebuzwa ukuthi ngakube izinsolo aziwulimaz­i yini umkhankaso kaSabelo ogaqele isikhundla sokuba ngumengame­li we-ANCYL, uKhumalo uthe ziwushaye phansi ikakhuluka­zi njengoba imiphumela yezingqung­quthela kwi-ANC igqugquzel­wa yizimbangi.

“Naye uyabona ukuthi izinsolo ziyamlimaz­a yingakho komunye umthombo wezindaba ethe ufisa kwenziwe uphenyo ukuze kuvele iqiniso,” kusho uKhumalo.

Ilungu lesigungu esiphezulu kwi-ANC, uMnuz Zizi Kodwa, lithe abazi lutho ngomhlanga­no ngoba kwakungesi­wo owe-ANC.

“i-ANC ayikaze ibe nomhlangan­o, kukubona abantu okuthiwa babesemhla­nganweni ukuthi basho ukuthi babekhulum­a ngani,” kusho uKodwa.

Ushaye phansi ngonyawo wathi akekho umuntu ngaphakath­i noma ngaphandle kwi-ANC ongaguqula izinqumo ezathathwa eNasrec.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa