Eyokukhulelwa kwezingane idinga kubanjiswane
IZIBALO zabakwaStatistics South Africa ziveze ukuthi amantombazane angu-120 000 asafunda isikole abelethile ngonyaka odlule. Kula mantombazane angaphezudlwana kuka-3 000 aneminyaka ephakathi kuka-10 no-14.
Bese kuthi lawa amanye aneminyaka ephakathi kuka-15 no-19. Lezi zibalo ziyethusa futhi indaba yazo ibuhlungu ngoba lokhu kusho ukuthi kunezingane ezingu-120 000 ezizaliwe eNingizimu Afrika ngabantu abangukulungele ukuzondla.
Okunye okubuhlungu ukuthi akwaziwa ukuthi mangaki kula mantombazane angu-120 000 asengomama angabuyelile esikoleni kulo nyaka futhi okungenzeka ukuthi ngeke aphinde abuyele nosekunciphisa amathuba okuthi abe nekusasa eliqhakazile.
Okunye okungazeki ukuthi mangaki akhulelwe ngoba edlwenguliwe ikakhulukazi kulaba abaneminyaka ephakathi kuka-10 no-14 nanokuthi bangaki ababikile emaphoyiseni ukuze kushushiswe ababagilile.
Lezi zibalo kumele zikhathaze wonke umuntu eNingizimu Afrika. Lesi akusona isikhathi sokukhombana ngeminwe njengoba kwenza inhlangano eyangamele izigungu ezilawula izikole evele yasola abazali kuphela ngale miphumela.
Kuyiqiniso ukuthi abazali yibona okumele babambe iqhaza elikhulu ekufundiseni izingane ngendlela yokuziphatha kodwa kumele kukhunjulwe ukuthi akuzona zonke izingane ezikhuliswa ngabazali, kukhona izingane ezikhulisana zodwa, okungekho muntu omdala ekhaya.
Kukhona izingane ezikhulelwa ngoba zidlwenguliwe. Kukhona izingane ezikhuleliswa ngabantu abadala abazithembisa ukuzondla ngoba ziswele. Kukhona izingane ezikhuleliswa ngothisha abazixhaphazayo.
Njengamanje kumele kubanjiswane, abazali, abamasiko nabezenkolo. Ikhona imizamo uhulumeni ayenzayo njengesiphakamiso samakhondomu ezikoleni. Kufanele labo abazigxekayo iziphakamiso ezifana nalezi zokufaka amakhondomu ezikoleni bazinuke amakhwapha ukuthi ukugxeka kwabo kuyasiza yini uma kunje.
Akusizi ukukhuluma ngokuzithiba. Kukhona nabadlwenguli emiphakathini. Ikusasa lezingane lisengcupheni futhi ukuqhamuka nezisombululo ezingeke zisiyise ndawo akusizi uma kunje.