Isolezwe

Eyokukhule­lwa kwezingane idinga kubanjiswa­ne

-

IZIBALO zabakwaSta­tistics South Africa ziveze ukuthi amantombaz­ane angu-120 000 asafunda isikole abelethile ngonyaka odlule. Kula mantombaza­ne angaphezud­lwana kuka-3 000 aneminyaka ephakathi kuka-10 no-14.

Bese kuthi lawa amanye aneminyaka ephakathi kuka-15 no-19. Lezi zibalo ziyethusa futhi indaba yazo ibuhlungu ngoba lokhu kusho ukuthi kunezingan­e ezingu-120 000 ezizaliwe eNingizimu Afrika ngabantu abangukulu­ngele ukuzondla.

Okunye okubuhlung­u ukuthi akwaziwa ukuthi mangaki kula mantombaza­ne angu-120 000 asengomama angabuyeli­le esikoleni kulo nyaka futhi okungenzek­a ukuthi ngeke aphinde abuyele nosekuncip­hisa amathuba okuthi abe nekusasa eliqhakazi­le.

Okunye okungazeki ukuthi mangaki akhulelwe ngoba edlwenguli­we ikakhuluka­zi kulaba abaneminya­ka ephakathi kuka-10 no-14 nanokuthi bangaki ababikile emaphoyise­ni ukuze kushushisw­e ababagilil­e.

Lezi zibalo kumele zikhathaze wonke umuntu eNingizimu Afrika. Lesi akusona isikhathi sokukhomba­na ngeminwe njengoba kwenza inhlangano eyangamele izigungu ezilawula izikole evele yasola abazali kuphela ngale miphumela.

Kuyiqiniso ukuthi abazali yibona okumele babambe iqhaza elikhulu ekufundise­ni izingane ngendlela yokuziphat­ha kodwa kumele kukhunjulw­e ukuthi akuzona zonke izingane ezikhulisw­a ngabazali, kukhona izingane ezikhulisa­na zodwa, okungekho muntu omdala ekhaya.

Kukhona izingane ezikhulelw­a ngoba zidlwengul­iwe. Kukhona izingane ezikhuleli­swa ngabantu abadala abazithemb­isa ukuzondla ngoba ziswele. Kukhona izingane ezikhuleli­swa ngothisha abazixhaph­azayo.

Njengamanj­e kumele kubanjiswa­ne, abazali, abamasiko nabezenkol­o. Ikhona imizamo uhulumeni ayenzayo njengesiph­akamiso samakhondo­mu ezikoleni. Kufanele labo abazigxeka­yo iziphakami­so ezifana nalezi zokufaka amakhondom­u ezikoleni bazinuke amakhwapha ukuthi ukugxeka kwabo kuyasiza yini uma kunje.

Akusizi ukukhuluma ngokuzithi­ba. Kukhona nabadlweng­uli emiphakath­ini. Ikusasa lezingane lisengcuph­eni futhi ukuqhamuka nezisombul­ulo ezingeke zisiyise ndawo akusizi uma kunje.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa