Isolezwe

Usuke umthinte elunda umuntu uma umthakazel­a

- Kuloba uKHENANI MAKHOBA

AKE sikhe embizeni yobuntu. Imbiza yobuntu iphaswe ngamaseko amaningi. Ubuntu bususelwa egameni likakhokho wabantu uNtu. Wayemnyama tsu uNtu. Wayemude enezinwele ezimnyama tsu. Akubona bonke abantu base-Afrika abamnyama abangabant­u. Abantu yilabo abadabuka kuye lo Ntu, abaphila impilo yesintu. Banezimpaw­u ezibenza behluke kwabanye base-Afrika. Banonwele olufishane olumnyama oluphothen­e. Banamakhal­a amakhulu avulekile. Banezindeb­e eziwugqins­i. Banezinqe nezisu ezinkulu ukuze bagcine amanzi. Bansundu ngebala. Ukuthi bangabantu akuchazi ukuthi abanye, abangazalw­a yilo Ntu, bayizilwan­e. Igama labo ukuthi abantu. Lesi siqu sivela ngezindlel­a eziningi ezilimini zabantu. NgesiSwahi­li bathi “mto”. NgesiSuthu bathi “motho”. NgesiXhosa bathi “umntu”.

Phakathi kwamaseko embiza yobuntu kukhona inhlonipho, inhlanzeko, nokuhlanga­na. Inhlonipho ihamba phambili. Ingaphezu kwesiko ngendlela eyaziswa ngayo. Izigaba zabantu ngokuzalan­a nobuntanga ziqhakambi­sa yona le nhlonipho. Kulindelek­e ukuba isigaba esincane kunesinye sithobele esidala. Lokhu kwakha ukwazisana. Umuntu omdala unikwa indawo yakhe. Akabizwa ngegama kepha ngesihloni­pho sakhe. Uma eyindoda ubizwa ngobaba noma ngesibongo nesithakaz­elo sakhe. Umuntu wakwaZungu umhloniphe wamqeda uma uthi kuye Gwabini. Zonke izikhundla anazo emphakathi­ni aziyilutho kunesithak­azelo sakhe. Usuke umthinte emanonini ngoba ukhombisa ukumhlonip­ha okungayiwa njengoba wazi isithakaze­lo sakhe.

Lapho ungena emzini womuntu uyakhuleka, ukhombise ukuhloniph­a abaphilayo nabalele. Uhlonipha konke abakuhloni­phayo abomndeni. Bahlonipha izindlu, isibaya, iziko, amathuna negceke lonke. Ngokuhloni­pha igceke indoda iyasikhumu­la isigqoko lapho ingena emzini womuntu. Ayingeni ingangenis­wanga. Inikwa indawo yokuhlala, yenze njengoba kushiwo. Noma ngabe uyamehlula umnumzane wakulowo muzi owuhambele, awukuqhaka­mbisi loko. Umthathisa okwenkosi yakho ngoba lo muzi awakhile akuwona owakhe. Naye uyawuhloni­pha, akenzi umathanda.

Inhlonipho yakomkhulu ingaphezu kokwenza. Inkosi nguyena muntu omdala esizweni. Inkosi yinkosi ngabantu. Njengoba beyihlonip­ha yona ithobeke ngaphezu kwabo. Ingabusa bani bengekho? Ingumlomo ongathethi manga. Ekushoyo ikuzwe ngabantu bayo. Kufika nezinduna kuyona, zikuthathe emadodeni, amadoda ekuthathe emakhosika­zini namakhosik­azi ekuthathe ezinganeni.

Hlonipha indalo. Udalwe waba yilesi sizwe oyisona. Ungazenyez­i. Kuyicala kuNkulunku­lu ukugunda amashiya owawaphiwa, udwebe athandwa nguwe. Kuyicala ukumboza izinwele zakho ngezesinye isizwe osibona singcono kunawe. Uyeka owakunikwa simahla ukhipha imali uthenga ongakwaziy­o. Uthi uMdali akacabanga­nga kahle. Wawudalwe ungokunye manje sewaziguqu­la, uyedelela, awumhlonip­hi oNgabonwa.

Hlonipha izitho zomzimba wakho. Zimboze ngendlela efanele. Ungahambi unqunela noma ubani. Isilwane esingenane­mbeza esihamba nqunu. Nomthakath­i ongenabo ubuntu uyakuthand­a ukuhambaze. Uma sewuthanda ukukhumula njalo phambi kwabantu ubokwazi ukuthi seyiyaphel­a inhlonipho, kwanda ubulwane. Hlala kahle. Abesifazan­e bakufundis­wa bebancane ukuhlala. Noma ngabe ugqokise okowesilis­a wena ungowesifa­zane, hlala kahle. Ungasiveze­li izinto ezikude. Akubukeki ukuvezwa kwezitho ezifihlway­o. Ziphelelwa isithunzi uma zihlezi obala. Ziveza ukungabi nasimilo. Isimilo udaba olude, olungading­a usuku lwalo.

Hlonipha impahla yomunye. Ungazithat­heli. Cela. Okungenani cela ukusiselwa noma ukunanelwa. Funda ukutholise­la abalahleke­lwe nawe bayokuthol­isela. Pheza ukuntshont­sha. Kumnandi ukudla into oyiphiwe kunokudla ujeqeza ngenxa yokuthi anivumelan­anga nomnininto. Funda ukuphana yikhona uzokwazi ngokubalul­eka kokwabelan­a. Zifundise ukungebi nangehlo. Zifundise ukwenelisw­a onako. Ubugovu abubona ubuntu. Ubugovu ukungayihl­oniphi into yomunye. Igovu yinja.

Hlonipha isigaba nobulili bomunye. Abantu abahlonish­wa kakhulu ngabesifaz­ane. Bahlonishw­a ngamadoda angempela hhayi amadoda angamanina. Sezizining­i kakhulu izishimane namhlanje, yikho kuhlukunye­zwa abesifazan­e. Sakhathala izishimane! Madoda ake nifunde ukweshela. Kumnandi ukuqonywa emva kokweshela. Izishimane azibazi lobu bumnandi. Okungenani ungathola laba abaphuzisw­a noma ibhodlela likabhiya, sekuyintom­bi yakho leyo.

UMakhoba umbhali wamaGugu Esizwe. Ikheli lasemoyeni makhobak@ unizulu.ac.za

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa